Please view the book
in landscape mode.
UKgothatso Montjane inkosazana yebhola lomphebezo
Glanice Masilo
Sibusiso Khumalo
—
—
Le ncwajana ixoxa ngoKgothatso Montjane.
-
Wazalwa ngonyaka we-1986 elokishini laseSeshego elisedolobheni lasePolokwane.
-
Le ntombazanyana yazalwa nokugula okwakhubaza izandla nezinyawo zayo.
-
Nakuba kunjalo, yakhula yaba umdlali wethenisi owaziwayo!
1
Ngenxa yokugula kwakhe, kwadingeka odokotela banqume umlenze wakhe owodwa ngezansi kwedolo. Emva kwalokho wasebenzisa umlenze wokufakelwa.
-
Eseyingane, ezinye izingane zazingafuni ukudlala naye ngenxa yokuthi wayekhubazekile.
-
Umama wakhe akazange amkhulise ngendlela eyehlukile, wakhula enza imisebenzi yasekhaya njengezinye izingane.
2
Umama wakhe wamusa esikoleni sabafundi abakhubazekile i-
Helen Franz Special Needs School
esifundazweni saseLimpopo.
-
Yilapho afika khona wakhombisa amakhono akhe emidlaweni.
-
Kulesi sikole bamfundisa umdanso i-
Ballroom
kanye nomdanso obizwa nge-
Latin American
.
3
Omunye wothisha bakhe wamkhetha ukuba ayomela isikole emidlaweni yethenisi eyayidlalelwa eGoli.
-
UKgothatso wayengakaze alidlale ithenisi!
-
4
UKgothatso wadlala kahle kakhulu kule midlalo. Lokhu kwaba ukuqala kwendlela yakhe eyamfikisa ekubeni umdlali wethenisi owaziwayo emhlabeni wonke kulabo abahamba ngezinqola ezinamasondo.
-
Wathola umnikelo wenqola enamasondo kanye nezidingo zokudlala ithenisi.
-
Wayeseqala ukulungisela ikusasa lakhe lokuba ngomunye wabadlali bethenisi abakhubazekile abavelele eNingizimu Afrika.
5
UKgothatso waqala ukudlala emiqhudelwaneni yethenisi yabahamba ngezinqola ezinamasondo emhlabeni wonke.
-
Wanqoba emiqhudelwaneni eyayise-Belgium nase-Switzerland. Umqhudelwano wase-Switzerland yiwona owawuyimfivilithi yakhe.
-
Lapha eNingizimu Afrika usahlonishwa ngezindondo iminyaka emithathu njengomdlali wesifazane okhubazekile ovelele.
6
Ngonyaka wezi-2013 no wezi-2014, uKgothatso wadlala emiqhudelwaneni yethenisi e-Australia, e-France nase-Melika.
-
Wadlala emidlalweni yabadlala ngabodwa. Waphinde wadlala kwabadlala ngababili abaqhudelana nabanye ababili.
7
UKgothatso waphinde wadlala emidlalweni yabakhubazekile eyaziwa nge-
Paralympic
Games
, nokuyimidlalo yama-Olimpiki yabadlali abakhubazekile.
-
Ukuzilolongela le midlalo kwakunzima, kodwa uKgothatso akazange akhathale.
-
8
UKgothatso wayesebenza kanzima ezifundweni zakhe. Wafunda enyuvesi yaseVenda wathola iziqu zeSayensi yemiDlalo nokuNgcebeleka (
Recreation and Sports Science
).
-
Lapha enyuvesi, umdlalo wethenisi yabahamba ngezinqola ezinamasondo yiwona kuphela owawudlalwa yilabo abakhubazekile.
9
Indawo yase-
Wimbledon
eNgilandi yilapho kudlalelwa khona njalo ngonyaka, umqhudelwano wethenisi owaziwayo nomdala kunayo yonke.
-
Ngonyaka wezi-2018, uKgothatso waba ngowesifazane wokuqala oNsundu ukunqoba aze afinyelele kumafayineli e-
Wimbledon
.
10
UKgothatso kwakumele ahambe aye eNgilandi ayodlala emqhudelwaneni wase-
Wimbledon
.
-
Wayengenayo imali yokuthenga ithikithi lendiza neyokukhokhela indawo yokuhlala.
-
Wayekhathazeke kakhulu ngokuthi ngeke akwazi ukuhamba ngenxa yokwesweleka kwezimali.
-
Ngenhlanhla, wathola usizo kosomabhizinisi besifazane.
11
Umqhudelwano wase-
Wimbledon
kwakungumqhudelano we-
Grand Slam
wesine uKgothatso adlala kuwo ngonyaka wezi-2018.
-
Imiqhudelwano yethenisi emine ebalulekile okudlala kuyo abadlali bomhlaba wonke ibizwa ngokuthi ama-
Grand Slam
.
-
Waba ngumdlali wokuqala e-Afrika kulabo abahamba ngezinqola ezinamasondo ukudlala emiqhudelwaneni yama-
Grand Slam
emine ngonyaka owodwa.
12
UKgothatso ungumdlali ovelele eNingizimu Afrika nase Afrika kulabo abahamba ngezinqola ezinamasondo. Ungomunye wabadlali bethenisi abahlanu abaphambili emhlabeni wonke jikelele.
-
Ngaphezu kwempumelelo yakhe, uKgothatso ubuye asize ukuxhasa abanye abadlali abakhubazekile.
-
Uyisibonelo sokuthi, noma ukhubazekile, ungaba yinoma yini ofuna ukuba yiyona.
13
—
—
Imibuzo
Ngabe ungubani uKgothatso Montjane? Chaza.
Waqala kanjani uKgothatso ukudlala ithenisi?
Yini igama lesikole uKgothatso afunda kuso umdanso we-
Ballroom
nowe-
Latin American
?
Yimuphi unyaka uKgothatso adlala ngawo imiqhudelwano emine yama-Grand Slam? Ngabe kubaluleke ngani lokhu?
Ingabe ukholelwa ukuthi kukhona ongakufeza, ngisho noma unokukhubazeka? Chaza.
Yiziphi izingqinamba umuntu osebenzisa isihlalo sabakhubazekile angase abhekane nazo?
Ucabanga ukuthi kungani umama kaKgothatso wakhetha ukungaphathi uKgothatso ngendlela ehlukile?
Yiziphi izinto ezenza abantu baphathe abanye ngendlela ehlukile?
14
—
—
Le ndaba ibhalwe ngolimi lweSetswana njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lethu ezibhalwe ngonyaka wezi-2021.
15
16
Your attribution should include the following:
Title
: UKgothatso Montjane inkosazana yebhola lomphebezo
Author/s
: Glanice Masilo
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Sibusiso Khumalo
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator