UYebo nezimuzimu
Ntombifuthi Ncwayiba
Kamogelo Matlawe
UYebo nabazali bakhe babehlala ehlathini.
-
Kule ndawo ababehlala kuyo, kwakuhlala uZim-zim, owayeyizimuzimu.
-
UZim-zim wayedume ngokudla izingane.
1
USikhwebu, ubaba kaYebo, wayengumzingeli. Wayethi uma ebuya ukuyozingela amemeze, “Yebo! Yebo! Woza uzongihlangabeza mntanami.”
-
UYebo wayethi kumama wakhe, “Ubaba uyangibiza. Kufanele ngiyomhlangabeza.”
-
UZim-zim wakubona konke lokhu.
2
UZim-zim wazama ukuzenza uSikhwebu, “Yebo! Yebo! Woza uzongihlangabeza mntanami.”
-
Wayazi ukuthi izwi lakhe alifani nelikaSikhwebu.
-
“Ngingalishintsha kanjani izwi lami?” uyazibuza.
3
UZim-zim wacela usizo kumthakathi.
-
“Ngingalishintsha kanjani izwi lami lifane nelabantu?” uyabuza.
-
“Shisa imbazo ize ibe bomvu, bese uyigwinya iphelele,” kusho umthakathi emcebisa.
4
UZim-zim waphindela ekhaya, wagwinya imbazo eshisa bhe.
-
Wase ememeza, “Yebo! Yebo! Woza uzongihlangabeza mntanami.”
-
Lutho! Izwi lakhe lalingafani nelikaSikhwebu. Lalilikhulu kakhulu.
5
Waphindela kumthakathi engeneme neze uZim-zim.
-
“Ngingenza kanjani ukuze ngibe nezwi elincane, labantu?” wabuza.
-
“Kulokhu kuzomele uyishise ubusuku bonke imbazo, kuthi ekuseni, uyigwinye iphelele,” kuphendula umthakathi.
6
Emuva kokwenza abekutsheliwe, uZim-zim wahamba wayomemeza, “Yebo! Yebo! Woza uzongihlangabeza mntanami.”
-
Izwi lakhe lalifana ncamashi, nelikaSikhwebu.
-
UYebo waphumela phandle ejahile.
-
Kodwa kwakungeyena uyise.
7
UYebo wabona iphutha lakhe singasekho isikhathi.
-
Wazama ukubaleka angene endlini, kodwa uZim-zim wambamba kalula.
-
Wathwala uYebo njengogodo wayombeka phakathi ehlathini.
8
Masishane, uSikhwebu wafika ekhaya wamemeza, “Yebo! Yebo! Woza uzongihlangabeza mntanami.”
-
Kodwa uYebo akazange aphume. Umama wakhe waphendula wathi, “Ubusumbizile nje.”
-
Babona ukuthi ingane yabo ithathwe nguZim-zim.
9
USikhwebu wathatha induku yakhe yokuzingela, waphikelela ehlathini ukuyofuna indodana yakhe.
-
Esaqhamuka, wabona uZim-zim elele ngasemfuleni. Wayebeke isaka elikhulu phambi kwakhe.
10
USikhwebu wanyonyobela uZim-zim. Wathi esesondele, wadonsa induku yakhe ende, washaya uZim-zim.
-
UZim-zim wagxuma, evuka ebuthongweni edidekile. Wabaleka.
-
USikhwebu wavula isaka wadedela indodana yakhe.
11
USikhwebu wagona indodana yakhe, ejabulile ukuthi batholene. UYebo naye wayejabulile ukubona uyise.
-
Bakhohlwa nguZim-zim, baphindela ekhaya.
12
Your attribution should include the following:
Title: UYebo nezimuzimu
Author/s: Ntombifuthi Ncwayiba
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Kamogelo Matlawe
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator