UFudu uyiqhawe
Ntombifuthi Ncwayiba
Khanyisa Masemola
Kudala, izilwane zasendle zaphelelwa amanzi.
-
Zawafuna yonke indawo kepha aziwatholanga.
1
Zahlangana ukuze zithole isisombululo sale nkinga. Zonke izilwane zeza emhlanganweni ngaphandle kwempungushe.
-
UMpungushe wathi, “Ngingaya kanjani kulo mhlangano ngiyohlangana nezimfudu ezinukayo?”
-
Lokho kwazithukuthelisa ezinye izilwane.
2
Kulo mhlangano, izilwane zavumelana ngokuthi zizomba umthombo.
-
Inyamazane eyangumholi yathi, “Umthombo wethu kufanele ujule futhi ube banzi. Uma usugcwele ngeke siphinde seswele amanzi.”
3
Bebecula bedansa ngesikhathi beshintshana ngokumba.
-
Ekugcineni, amanzi avela ngaphansi komhlaba agcwalisa umthombo.
-
Babejabule kakhulu. Babengakaze bawezwe amanzi ayemnandi ngale ndlela.
4
Ngelinye ilanga, izilwane zabona ukuthi kukhona ongcolisa amanzi azo.
-
Zashintshana ngokugada umthombo.
5
Ngesikhathi sekuyithuba likaNogwaja lokugada umthombo, uMpungushe wafika ephethe intambo.
-
“Wenzani lapha?” kubuza uMpungushe.
-
“Ngigade amanzi ethu,” kuphendula uNogwaja.
6
UMpungushe wacela uNogwaja ukuba badlale.
-
Badlala umdlalo wokushintshana ngokubophana ngentambo.
-
Kulo mdlalo, oboshwayo kwakufanele avale amehlo ngesikhathi eboshwa, abale aze afike kuyinkulungwane ngaphambi kokuwavula.
-
UNogwaja wavuma.
7
UNogwaja waqala wabopha uMpungushe. Umpungushe wabala wafika kuyinkulungwane. UNogwaja wamqaqa.
-
Emva kwalokho uMpungushe wabopha uNogwaja, owavala amehlo wase eqala ukubala.
-
UMpungushe waphuza amanzi emthonjeni wase ebhukuda. Emva kwalokho, uMpungushe wathatha amanzi wahamba.
-
8
UNogwaja waqeda ukubala wafika kuyinkulungwane wase uvula amehlo.
-
UMpungushe wayengasekho lapho.
-
UNogwaja wamemeza ezinye izilwane ukuthizize zizomqaqa.
9
Izilwane zaqhubeka ngokushintshana ekugadeni isiziba kodwa zazehluleka ukubamba uMpungushe.
-
UFudu wathi, “Ngizogada mina.”
-
“UFudu akasona isilwane esihlakaniphile futhi esisheshayo,” kucabanga ezinye izilwane.
-
UFudu waziphosa emanzini walinda uMpungushe.
10
Kwathi uMpungushe efika, wacabanga, “Akukho muntu ogadile!”
-
Uthe esaphuza, wezwa ngento imluma ikhala. Lento yamdonsela ngaphansi kwamanzi.
-
UMpungushe wazama ukuphunyuka kodwa uFudu wabamba waqinisa.
-
“Wozani ngimbambile!” kwamemeza uFudu.
11
Izilwane zafika zabopha uMpungushe.
-
UFudu wathi kuMpungushe, “Wonile kithi sonke. Isijeziso sakho ukuba usigeze izinyawo.”
-
Zonke izilwane zancoma uFudu njengeqhawe lazo.
-
Kusukela ngalelo langa, zaphuza amanzi azo kamnandi ngaphandle kokuhlushwa.
12
Your attribution should include the following:
Title: UFudu uyiqhawe
Author/s: Ntombifuthi Ncwayiba
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator