Umnumzane noNkosikazi Malatji
Kanane Dina Nkoana
Jesse Breytenbach
Kudala, kwakukhona indawo eyayibizwa ngokuthi yiGa-Molapo esifundazweni saseLimpopo. Le ndawo yayibuswa yinkosi uSello Kekana.
-
Yayincane kangangokuthi bonke abantu ababehlala kuyo babazana. Izindlu zabo zazakhiwe ngodaka zifulelwe ngotshani.
1
UMnumzane noNkosikazi Malatji babehlala lapha.
-
Nsuku zonke uMnumzane Malatji wayehamba ayotheza izinkuni zokubasa. UNkosikazi Malatji yena wayehamba ayokha amanzi emfuleni.
-
Babehlale beqophisana ngemisebenzi okufanele bayenze.
2
“Sengikhathele ukutheza izinkuni,” kusho uMnumzane Malatji.
-
“Nami ngokunjalo, ngikhathele ukukha amanzi,” kuphendula uNkosikazi Malatji.
-
“Ngeke ngisaya nhlobo ukuyotheza!” kumemeza uMnumzane Malatji. Washo ephonsa phansi izinkuni waphuma wahamba endlini.
3
Ngalezo zinsuku kwaqala umlilo endaweni, owashiya imindeni eminingi ingasenamakhaya.
-
Umlilo waqala kwaMalatji wenabela kweminye imizi.
4
UNkosikazi Malatji wayephatheke kabuhlungu.
-
Wayehlale ememeza efuna umyeni wakhe abuye.
-
“Buya uzongelekelela ukwakha indlu entsha!” esho ekhala.
-
UMnumzane Malatji wabuya esezehlisile.
5
Abahlali bakwa Ga-Molapo bathatha isinqumo sokuya enkosini.
-
Bayitshela konke okwenzeka endaweni. Bethula isikhalazo ngokuziphatha kukaMnumzane noNkosikazi Malatji.
6
Bathi bangezwa abakwaMalatji ngesikhalazo, bacasuka kakhulu.
-
Bathatha konke okungokwabo okwakusasele bayishiya le ndawo.
7
Ngaleso sikhathi kwasuka umlilo owashisa amahlathi waze wenabela kuyo yonke indawo.
-
Washisa izindlu washiya izakhamizi eziningi zingenamakhaya.
8
Izakhamizi zaphindela ukuyoxoxa nenkosi.
-
“Asinakudla, asinamanzi, kanti asinayo nemizi yokuhlala,” kukhalaza abantu.
-
“Kuhlale kuqala imililo uma uMnumzane noNkosikazi Malatji beke baqophisana!” kukhalaza izakhamizi.
9
Kulokhu, inkosi uSello Kekana wazilalela izikhalazo zabantu.
-
Wabadingisa oMnumzane noNkosikazi Malatji endaweni yakwa Ga-Molapo. Wabadingisa kuso sonke isifundazwe saseLimpopo.
-
Akwaziwa ukuthi balibhekisaphi emva kwalokho?
10
Your attribution should include the following:
Title: Umnumzane noNkosikazi Malatji
Author/s: Kanane Dina Nkoana
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Jesse Breytenbach
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator