Umngani ongathembekile
Mafisa Kwena Petrus
Rob Owen
Kwakukhona inyoka eyayiwumngani omkhulu wexoxo.
-
Babengabangani futhi bethandana kakhulu.
1
Ngelinye ilanga uXoxo wathi kuNyoka, “Wemngani, kunganjani siyozingela izihlwabusi ezikhuluphele?”
-
UNyoka wavuma ukuhamba noXoxo.
2
Abangane baqala baqoqa izihlwabusi bazifaka esakeni elikhulu.
-
UXoxo waqoqa zaba ningi futhi wayejabule kakhulu ngalokhu.
3
Endleleni sebephindela ekhaya, uXoxo noNyoka bahlangana nezinkwe ezazindawonye.
-
Izinkwe zaziyizitha zabo.
4
UNyoka wamemeza, “Mngani siyahlaselwa la! Uma singaphunyukwa yilokhu esinakho esikhwameni, ngeke sidle lutho kusihlwa!”
5
UXoxo wamemeza wathi kuzinkwe, “Sukani endleleni nina, ngale kwalokho omunye wenu uzolimala!”
-
Izinkwe zabona kungcono ukubaleka zathathela ngejubane.
6
UXoxo wamema uNyoka ukuthi azodla ukudla kwakusihlwa kwakhe.
-
“Umkami uzipheka kahle kabi izihlwabusi,” kusho uXoxo.
-
Abangani babeqhubeka nokuxoxa ngesikhathi uNkosikazi Xoxo elungisa ukudla kwakusihlwa.
7
Kwasheshe kwalunga ukudla.
-
Abangani bageza izandla base behlala etafuleni.
8
Kusenjalo, uXoxo wakhomba ipuleti likaNyoka wathi, “Ukudla kukaNyoka kuningi kunokwami!”
9
UNyoka waphendula, “Cha, empeleni ukudla kwakho kuningi kunokwami!”
-
UXoxo wadla ukudla kwakhe, kodwa uNyoka waphoxeka kakhulu wenqaba ukudla.
10
Kusenjalo, uXoxo wathi kuNyoka, “Uma uzobukela phansi ukudla okuphekwe ngumkami, kungcono uphume lapha emzini wami.”
11
Baphelela lapho ubungane obuhle.
-
Kusukela lapho izinyoka namaxoxo akubhekani.
12
Your attribution should include the following:
Title: Umngani ongathembekile
Author/s: Mafisa Kwena Petrus
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Rob Owen
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator