UTshilidzi Marwala namakhompyutha akhe ahlakaniphile
Ndivhuho Mutsila
Thulisile Shongwe


Le ncwadi yezindaba ixoxa ngoTshilidzi Marwala.
-
UnguSosayensi wamaKhompyutha noNjinela wemishini waseNingizimu Afrika.
-
Ixoxa ngokuthi kwenzeka kanjni ukuthi uTshilidzi lo owazalelwa endaweni yaseDuthini agcine esengusaziwayo womhlaba kwezeSayensi nobuChwepheshe.
1
UTshilidzi Marwala wazalelwa endaweni yasemaphandleni iDuthini esifundazweni saseLimpopo. Wakhuliswa ngabazali bakhe nogogo wakhe uTshianeo.
-
Ugogo Tshianeo wayesebenzisa ubumba ebumba ngalo izinkamba. Imihlobiso yezinkamba zakhe yayilandela amaphethini anobunjiniyela.
2
Ubunjiniyela buyisayensi yokwakha amaphethini nokwakha izinto ezifana nemishini kanye namabhilidi.
-
Ugogo Tshianeo wayebazi ubunjiniyela bokubumba izinkamba.
-
UTshilidzi wayethanda ukubuka ugogo wakhe uma ebumba izinkamba ethanda nokumsiza.
3
Wayeqala ngokwenza indingilizi eyendlalekile eyisinqe sokhamba.
-
Emva kwalokho wayakha amacala asebenzise ubumba oluningi.
-
Ugogo wayebeka izinkamba zakhe elangeni ukuzomisa bese ezishisa emlilweni.
4
Umlilo wawufanele ushise kakhulu ukuze ukwazi ukubhaka ubumba.
-
Ukubhaka ubumba emlilweni oshisa kakhulu komisa onke amanzi ukuze luqine.
-
Izinkamba zikagogo zaziqinile futhi zihlala isikhathi eside.
5
Uthando lukaTshilidzi lweSayensi nobuNjiniyela waluthola nakubaba wakhe.
-
UMnumzane Marwala wayenguthisha weZibalo iMaths kwesinye sezikole zendawo.
-
Ngaphambi kokuthi afunde ukuphindaphinda izinombolo esikoleni, uTshilidzi wafunda ukuphindaphinda izinombolo ezincwadini zikababa wakhe.
6
UTshilidzi wayehlale elangazelele ukwazi ngazo zonke izinto. Ebusuku wayethatha ithoshi likababa wakhe alikhanyise libheke phezulu efuna ukubona lapho kugcina khona isibhakabhaka.
-
Kwathi angaqeda izifundo zakhe zamabanga aphansi, wahamba wayofunda esikoleni okuhlalwa kuso ngaphakathi edolobheni laseShayandima.
7
Esikoleni okuhlalwa kuso ngaphakathi kwakumnandi ngoba wathola ukwazana nabantu abasha. Wafunda ukuhlala nabantu abahlukile.
-
UTshilidzi wasuka wayofunda esikoleni esiphakeme iMbilwi High school.
-
Wayebakhonze kakhulu othisha bakhe beZibalo neSayensi kuleso sikole. Bamnikeza ugqozi lokuthi afunde ngokuzikhandla futhi asebenze kanzima.
8
Ngonyaka wakhe wokugcina kulesi sikole, uTshilidzi wazuza umklomelo womqhudelwano esifundweni seSayensi i-'National Youth Science Olympiad'.
-
Waklonyeliswa ngohambo lokuyokwethamela ingqungquthela kaZwelonke yeSayensi eyayibanjelwe eNgilandi eyaziwa nge’London International Youth Science Forum'.
-
Wafunda izifundo zakhe zobuNjiniyela bemishini eNyuvesi yasePitoli.
9
Waqhubeka nezifundo zakhe eNyuvesi yaseCambridge eNgilandi. UTshilidzi wayezimisele ngokwazi ukuthi ubuchwepheshe bungazishintsha kanjani izimpilo zethu. Wabe esethatha izifundo zeSayensi yamaKhompyutha eNgilandi.
-
Emva kwalokho wayofunda ezobuChwepheshe nobuNjiniyela eMelika.
-
Emva kweminyaka eminingi efunda, wathatha isinqumo sokuthi abuye ekhaya azokwabelana ngolwazi lwakhe nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
10
Waqala ukusebenza njengomsunguli wolwazi olusetshenziswa kumakhompyutha ukuze abe yimishini ehlakaniphileyo.
-
Ukuhlakanipha kwemishini yilokho okwenza yenze imisebenzi edinga ukwenziwa ngobuhlakani babantu.
-
UTshilidzi wasungula uhlelo lwekhompyutha olwenza ukuba ikwazi ukunambitha nokuhogela.
11
Namhlanje uTshilidzi usenguchwepheshe womhlaba wonke wezobuNjiniyela bemishini neSayensi yamakhompyutha.
-
Kumanje-nje uSolwazi uMarwala uzama ukuthola izindlela zokwenza amakhompyutha ukuba akwazi ukwenzela abantu izinto eziningi.
-
Isibonelo, ukuhlakanipha okwenziwa imishini kungasiza abantu emabhange, ezibhedlela nasezikoleni.
12
Umsebenzi kaTshilidzi ugxile kakhulu ekutheni ubuchwepheshe bungasiza kanjani ekwakheni amathuba emisebenzi nokuthi abantu basizakale ekuthuthukiseni izimpilo zabo.
-
Ubamba iqhaza ekukhuliseni ulwazi kuSayensi nobuChwepheshe. Impilo yakhe iveza ukubaluleka kwemfundo nokusebenza ngokuzikhandla. Kanjalo nokubaluleka kokulangazelela ukwazi ngezinto ezifihlekile.
-
13

Imibuzo


  1. Ngobani abenikeza uTshilidzi ugqozi lokuthi abe nguSosayensi? Kungani usho kanjalo?
  2. Wafundani uTshilidzi esikoleni okuhlalwa kuso ngaphakathi?
  3. Iyini iSayensi yamakhompyutha? Thola kabanzi ngalesi sifundo.
  4. Ngabe msebenzi muni owenziwa oNjiniyela bemishini? Thola kabanzi ngomsebenzi wabo.
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • U-Andile Mji
  • U-Asnath Mahapa
  • UBongani Mayosi
  • UCharlotte Maxeke
  • UMmantsane Moche Diale
  • UMulalo Doyoyo
  • UTebello Nyokong
  • UTshilidzi Marwala
15


Lencwadi yabhalwa ngolimi lwe Tshivenḓa njengenye yezinsiza zokufunda zeprojethi yeZenex Ulwazi Lwethu ezabhalwa ngo-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: UTshilidzi Marwala namakhompyutha akhe ahlakaniphile
Author/s: Ndivhuho Mutsila
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Thulisile Shongwe
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator