Please view the book
in landscape mode.
Ukubhekana nobhubhane lweKhovidi
African Storybook
Tawanda Mhandu
Izikole zavalwa izinyanga ngenxa kathaqa wezwe lonke, i
-national lockdown
phela. Uthaqa kwakuhloswe ngawo ukuvimba ukubhebhetheka kobhubhane lweKhovidi.
-
Izikole ziphinde zavulwa ngesonto eledlule. Abanye abafundi basahlezi emakhaya.
-
Isikhathi sesifundo samaKhono eMpilo eMaxeke Primary School.
1
Uthisha uPiti ufuna ukuthola ukuthi izingane zibhekane kanjani nothaqa wezwe lonke.
-
“Ngifuna ukuzwa ngakho konke enibhekane nakho ngesikhathi sikathaqa ezweni,” kusho uthisha kubafundi.
-
USello uyaqala, “UBaba ukholelwa ukuthi wonke umuntu kumele azakhele uhlelo azolulandela.”
2
“Ngakho-ke, kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu, njalo ekuseni ngehora lesishiyagalombili kuya kwelesibili ntambama, ubesivusa athi asenze okuthile okwakhayo,” kusho uSello.
-
UMunya uyabuza, “Uchaza ukuthini uma uthi, ‘into eyakhayo’?
-
“Kusho ukwenza into ewusizo futhi eyisenzo esihle,” kuphendula uSello.
3
“Yebo Sello, uqinisile,” kusho uthisha uPiti.
-
Usisi kaSello uNeo uyaqhubeka, “UBaba wayeqinisekisa ukuthi uthaqa uyafana nesikhathi sesikole.”
-
UNeo uthi, “Into engiyithokozele ngesikhathi sikathaqa, ukuthi besenza izinto eziningi sihlanganyele singumndeni.”
4
UMunya uthi, “Ngicabanga ukuthi isikhathi sami ngisisebenzise ngobuhlakani. Ngifundisise iZibalo ngoba ngifuna ukuthola imiphumela engcono.
-
Bengibuka amamuvi futhi ngidlala imidlalo yangaphandle ukuchitha isizungu. Bengiphinde ngifunde ukuze ngizilibazise ngenze okuthile.
-
Ngivocavoce umzimba ukuze ngihlale ngiphilile.”
5
UBasani uthi, “Uma sikhuluma ngothaqa, ngicabanga ukuthi kube khona okuhle engikuzuzile nokubi ngokunjalo.”
-
“Okuhle engingakusho ukuthi ngithole isikhathi sokuphumula, futhi ngikwazile ukuthola isikhathi esiningi ngihlezi nomndeni wami. Ngisebenzise leso sikhathi ukufunda izincwadi nokubukeza umsebenzi wami wesikole,” uyachaza.
6
Uyaqhubeka, “Bengikhathazeke kakhulu ngokuthi ngabe abasebenzi basemakhishini bazowathola yini amaholo abo.
-
Benginovalo ngomndeni wami nabantu abebeqhubeka nokwephula umthetho.”
-
Uthisha uPiti uvuma ngekhanda. Uyazi ukuthi ngesikhathi sikathaqa bekulula ukuzizwa unokungabaza novalo.
7
U-Yash uthi, “Siyisithupha emndenini wami. Nakuba ngiwuthanda umndeni wami kodwa ukuhlale nginabo sonke isikhathi bekungisanganisa.
-
Ukuxazulula le nkinga, umama wathenga umdlalo obizwa ngeMonopoly. Ngangiwuthanda kakhulu lo mdlalo ngisemncane.”
8
U-Yash uyaphetha, “Ngidlale u-
Monopoly
kakhulu kula maviki edlule kangangokuthi ngize ngacabanga ukufuna umsebenzi kubathengisi bezindlu!”
-
U-Amanda uyahleka wase uthi, “Ebengikwenza ukubhekana nesikhathi sikathaqa, bekuwukupheka nokubhaka. Bengisikhumbule kakhulu isikole!”
-
Abafundi abaningi bayavuma.
9
Uthisha uPiti uthi, “Kuyasiza ukukhuluma nomuntu omethembayo ngendlela esizizwa ngayo.
-
Namhlanje ngithole imiqondo eminingi ngokubhekana nezinselelo esiba nazo ezimpilweni zethu.
-
Masiqhubeke nokukhuluma ngalokhu kusasa,” kusho uthisha uPiti kukhala insimbi.
10
—
—
Imibuzo
Bhala incazelo yala magama: ukubhekana, inselelo, uvalo, uhlelomihla.
Bhala amagama aphikisana nalawa owachazile.
Chaza ihlaya lika-Yash.
Yimaphi amasu amathathu ongawasebenzisa ukubhekana nezinselelo esiba nazo ezimpilweni zethu?
Ngabe uyavumelana noBasani? Chaza impendulo yakho.
Ingabe ucabanga ukuthi uthaqa wezwe wakunciphisa ukubhebhetheka kweKhovidi-19? Chaza impendulo yakho.
Uthisha Piti uthi, “Kuwusizo ukukhuluma nomuntu esemethembayo ngendlela esizizwa ngayo.” Yiziphi izinto ongase ukhulume ngazo nomuntu omethembayo?
Iyini incazelo yegama elithi ‘ukungaqiniseki’? Kungani ucabanga ukuthi kwakulula ngabantu ukuba bazizwe bengaqiniseki ngesikhathi seKhovidi?
11
—
—
-
Le ncwadi yezindaba ixoxa ngemibiko yomsakazo i-RX Radio. I-RX Radio ngumsakazo wezingane we-inthanethi futhi osakaza izindaba ezithinta zona.
-
Isakazela esiteshini esisesibhedlela saseKapa i-Red Cross War Memorial Children's Hospital.
-
I-RX Radio isiza izingane ukuba zikwazi ukuxoxa izindaba ngezinto ezibalulekile kuzona.
-
Vakashela i-RX Radio
12
Your attribution should include the following:
Title
: Ukubhekana nobhubhane lweKhovidi
Author/s
: African Storybook
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Tawanda Mhandu
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator