Uthaqa wezikole
African Storybook
Busisiwe Ndlovu
UBusisiwe noBandile bajabule kakhulu.
-
Izikole zivaliwe ngenxa kathaqa wezwe.
-
Balangazelele isikhathi abazosichitha besekhaya.
1
Emva kwamasonto ayisihlanu kathaqa wezwe, osisi laba abasajabule.
-
“Ngenza konke okusemandleni ami ukufunda nge-inthanethi. Kuyinselelo enkulu,” kusho uBandi ngokukhathazeka.
2
UBusi uyavuma, “Ngikhumbule ukuya esikoleni.”
-
“Manje isikole sekungamaqembu okuxoxa kuWhatsApp, izinhlelo zemfundo, nemfundo kumabonakude,” kusho uBandi.
3
Uyaqhubeka, “Manje isikole sifuna ukuzimisela nokuzinikela okukhulu.”
-
UBusi uthi, “Kunjalo nje kufanele sihlale sine datha futhi sixhumeke ku-inthanethi.”
4
“Imindeni eminingi ayikwazi ukuthenga idatha. Kuyasinda ephaketheni,” kusho uBandi.
-
UBusi ucabanga ngabangani bakhe, uBuhle noLuka.
5
UBusi uthi, “Ezinye izingane zidinga uhlelo lokudla kwasesikoleni.”
-
Ukhathazekile, “Ingabe abazali bazo bazokwazi yini ukuthenga ukudla okwanele?”
6
UBandi uthi, “Sinenhlanhla. Uthaqa wezwe awuzange ube nomthelela omubi ezimalini lapha ekhaya.”
-
“Ngibakhumbula ngempela abangani bami,” kusho uBusi ephefumulela phezulu.
7
Uyaqhubeka, “Ngiyakwazi ukukhuluma nabo ocingweni kodwa akufani. Ngithanda ukudlala nabo.”
8
UBandi uyabala, “Ngikhumbula umoya nje wasesikoleni, othisha, ukufunda izinto ezintsha, nokuba phakathi kwabangani.”
-
UMama ungena egumbini labo.
9
“Mantombazane, ngiqeda ukuzwa emsakazweni kuthiwa izikole zizovulwa ngesonto elizayo,” kumamatheka uMama.
-
UBusisiwe noBandile bajabula kakhulu.
10

Imibuzo


  1. Chaza okushiwo: ‘ubunzima bezezimali’, ’ukufunda nge-inthanethi’, ‘uhlelo lokudla’.
  2. Ingabe osisi bebewuthokozela yini uthaqa wezwe? Chaza impendulo yakho.
  3. Qhathanisa ukufunda esikoleni nokufunda nge-inthanethi. Yikuphi kulokhu okungabizi kakhulu?
  4. Uma kungenzeka omunye uthaqa, yiziphi izinto obungazenza ngokuhlukile?
  5. Ingabe zikhona izinto ozifundile ngempilo ngesikhathi sikathaqa wezikole? Chaza.
  6. Ucabanga ukuthi kungani isikole sasidinga isiyalo nokuzinikela okwengeziwe ngesikhathi sikathaqa?
11


Le ncwadi yezindaba ixoxa ngemibiko yomsakazo i-RX Radio. I-RX Radio ngumsakazo wezingane we-inthanethi futhi osakaza izindaba ezithinta zona.
-
Isakazela esiteshini esisesibhedlela saseKapa i-Red Cross War Memorial Children's Hospital.
-
I-RX Radio isiza izingane ukuba zikwazi ukuxoxa izindaba ngezinto ezibalulekile kuzona.
-
Vakashela i-RX Radio
12
Your attribution should include the following:
Title: Uthaqa wezikole
Author/s: African Storybook
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Busisiwe Ndlovu
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2025

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator