U-Charlotte Maxeke owesifazane oyiqhawekazi
Glanice Mmantshabi Masilo
Vusi Malindi


Le ndaba ixoxa ngo-Charlotte Maxeke.
-
Ngonyaka we-1901, waba ngowesifazane wokuqala omnyama ukuthola iziqu saseNyuvesi.
-
U-Charlotte Maxeke wayeyisishoshovu, isifundiswa kanye nomholi wezenkolo.
-
Le ncwadi ibungaza umkhosi wempilo yakhe.
1
UKhanyisa noNthuseng bahamba ngezinyawo bavela esikoleni.
-
Liyashisa ilanga. Ngesikhathi bedlula ngasesibhedlela, bakhetha ukuphumula emthunzini lapho endaweni okuma kuyo amabhasi ngaphandle kwesango lasesibhedlela.
-
Lesi sibhedlela yi-Charlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital.
2
“Hhayi bo! Ngabe uyazi ukuthi wayengubani u-Charlotte Maxeke, nokuthi kungani lesi sibhedlela sibizwa ngegama lakhe?” uKhanyisa ubuza umngani wakhe.
-
UNthuseng uyaphendula, “Yize sengidlule kaningi lapha, angikaze ngicabange ngalokho kuze kube manje.”
3
Omunye umfundi wadlula la mantombazana esaxoxa. Ufunda iSayensi yezempilo eNyuvesi iWitwatersrand.
-
“Nginganitshela ukuthi u-Charlotte wayengubani,” kusho uBusisiwe, umfundi.
4
“U-Charlotte Makgomo Mannya wazalwa ngeminyaka yawo 1870,” kuqala uBusisiwe.
-
“Habe, iminyaka eyikhulu namashumi amahlanu edlule!” kubabaza uKhanyisa.
-
“Yebo, futhi okubhalwe phansi mayelana nokuthi wazalwa nini nokuthi kuphi kwehlukile. Abanye bathi wazalelwa eMpumalanga Kapa kanti abanye bathi wazalelwa eLimpopo,” kuqhubeka uBusisiwe.
5
“U-Charlotte wayefunda esikoleni samamishini aphumelela kuso ngemiphumela emihle kakhulu. Wayehamba phambili kakhulu kwizilimi neZibalo. Wayekwazi ukubhala ngesiXhosa, isiDashi, nangesiNgisi.”
-
“U-Charlotte waqeda amabanga akhe ezemfundo aphezulu ngokushesha kunezingane eziningi,” kuphumula uBusi.
-
“U-Charlotte onenhlanhla,” kusho uNthuseng. “U-Charlotte ohlakaniphile,” kusho uKhanyisa.
6
“U-Charlotte wayehlakaniphe kakhulu. Wayecula nangephimbo elimnandi,” kusho uBusisiwe.
-
″Emuva kokutholwa kwamadayimani eNingizimu Afrika, umndeni ka-Charlotte wathuthela e-Kimberley, eNyakatho Kapa.
-
“Wasebenza njengothisha futhi ecula nekwaya i-African Jubilee Choir.
7
“U-Charlotte wavakashela eNgilandi ne-African Jubilee choir. Baculela abantu ababaluleke kakhulu e-London base beya naseMelika,” kuqhubeka uBusisiwe.
-
″U-Charlotte wathola umfundaze wokuyofunda kwiNyuvesi i-Wilberforce eMelika. Kwakuyinyuvesi yokuqala eyasungulwa ngabantu abansundu baseMelika.
8
″Ngesikhathi efunda, u-Charlotte waba ngusopolitiki. Waqala ukuhambela izinkulumo zamalungelo abesifazane. Wayefunda nesihlabani esibalulekile se-Pan African esasibizwa u-W.E. Du Bois. Wayephinde asebenze nasesontweni lakhe.
-
Enyuvesi yaseWilberforce, yilapho ahlangana khona nomyeni wakhe u-Marshall Maxeke.”
9
″U-Charlotte no-Marshall babuyela eNingizimu Afrika bazosebenza njengezithunywa zevangeli. Babefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi zonke izingane zithola imfundo esezingeni eliphezulu.
-
Isonto labasiza ukusungula isikole sezingane ezinsundu zaseNingizimu Afrika eGoli. Basiqamba lesikole bathi yi-Wilberforce Institute.
10
″U-Charlotte wabhekana nezimo zenhlalakahle ezazithinta abesifazane abansundu. Wayephinde abambe iqhaza nakwezinye izinhlangano zabesifazane ezixube izinhlanga.
-
Wasiza ukuhlela imibhikisho eyayiphambene nemithetho yababezophatha izwe. Wayebamba iqhaza emibhikishweni yabasebenzi.
-
Wayengumholi wesonto, enguthisha, umbhali, nesishoshovu sezepolitiki. Wayevelele.″
11
UBusisiwe uyaphetha, “Ngifunde ngo-Charlotte Maxeke ngoba ngize kulesi sibhedlela. Besibizwa nge-Johannesburg Hospital kodwa ngonyaka wezi-2008 sabuye saqanjwa kabusha nge-Charlotte Maxeke Hospital.
-
“Ungowesifazane obaluleke kakhulu kumlando wethu,” kusho uKhanyisa.
-
“Kufanele basifundise ngaye esikoleni!” kusho uNthuseng.
12
UBusisiwe wavumelana namantombazana wase ethi, “Nizosala kahle, sekufanele ngiye egumbini lokufunda manje.
-
″Siyabonga kakhulu ngokusabela lolu lwazi! Sizohlala simkhumbula uMama u-Charlotte Dokotela Maxeke, kusho uKhanyisa.
-
“Ningakhohlwa ukuthi abesifazane abansundu banamandla! Sizobonana enyuvesi!” kusho uBusisiwe.
13

Imibuzo


  1. Wazalelwa kuphi u-Charlotte?
  2. Wafunda kusiphi isikole?
  3. Wayeculela yiphi ikhwaya?
  4. Sasibizwa ngaliphi igama isibhedlela esisiqanjwe ngaye?
  5. Washada nobani u-Charlotte Makgomo Mannya?
  6. Kungani u-Charlotte Maxeke ebalulekile kumlando wethu?
  7. U-Charlotte Maxeke wawabonisa kanjani amandla akhe?
  8. Kungani ngezinye izikhathi abantu bebhikisha?

14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • U-Andile Mji
  • U-Asnath Mahapa
  • UBongani Mayosi
  • UCharlotte Maxeke
  • UMmantsane Moche Diale
  • UMulalo Doyoyo
  • UTebello Nyokong
  • UTshilidzi Marwala
15


Lendaba ibhalwe ngolimi lweseTswana njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngonyaka wezi-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: U-Charlotte Maxeke owesifazane oyiqhawekazi
Author/s: Glanice Mmantshabi Masilo
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Vusi Malindi
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2025

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator