Please view the book
in landscape mode.
Usuku lwamalungelo abantu
Arnold Mushwana
Thulisile Shongwe
—
—
Lapha eNingizimu Afrika sigubha usuku lwamalungelo abantu lungo mhla zingama- 21 kuNdasa njalo ngonyaka.
-
Lendaba xoxa ngomlando nokubaluleka kwalolu suku.
1
Ngesikhathi sobandlululo abantu abansundu baseNingizimu Afrika babephila ngaphansi kwengcindezelo.
-
Balwa belwela ubandlululo nemithetho yalo eyayibandlulula. Babelwela inkululeko nokuthola amalungelo alinganayo.
-
Njalo ngonyaka mhla zingama- 21 KuNdasa, izwe liyaye likhumbule ababelwelwa inkululeko.
2
Ngonyaka ka-1960 mhla zingama- 21 kuNdasa abantu baseSharpville nakwaLanga bamasha.
-
Bebebhikishela imithetho engalungile kahulumeni wobandlululo. Babemashela nokuphikisana nomthetho wepasi.
-
“Amandla! Ngawethu! Amandla ebantwini!” Kumemeza ababemasha.
3
ESharpville, bebecula bemasha ngokuthula beya asiteshini samaphoyisa.
-
Lapho amaphoyisa ebona isixuku sabantu, vele ahlasela.
-
Abantu babaleka, abanye balimala. Abanye bafa.
4
Usuku lomhla zingama-21 kuNdasa lwaqale lwakhunjulwa njengosuku lweSharpville.
-
Lwaqoshwa lwaba yiholide emva kokhetho lwentando yeningi lwangonyaka ka1994.
-
Izwe lisuke likhumbula abantu abalwela inkululeko. Lena yindlela yokubabonga.
5
INingizimu Afrika inomthetho sisekelo wentando yeningi. Abantu ababhala umthetho sisekelo omusha babefuna kuhlonishwe amalungelo abantu.
-
Umthetho sisekelo waseNingizimu Afrika uveza ngokusobala amalungelo nemisebenzi yabo bonke abantu bayo. Wonke umuntu unamalungelo afanayo.
6
Njalo ngonyaka mhla zingama-21 kuNdasa amahovisi nezikole kuyavalwa.
-
Lolu usuku lokuhlonipha amalungelo abantu nokuthakasela ukulingana.
-
Abantu bagubha baphinde bahloniphe lolu suku ngezindlela ezahlukene.
7
Izingane zingagubha lolu suku olubalulekile ngokukhuluma ngamalungelo azo njengabantu abasha.
-
Yebo, izingane nazo zinamalungelo!
-
Amalungelo ezingane ngamalungelo akhethekile abantu abangaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalombili.
8
Zonke izingane zinamalungelo alinganayo. Ngabe uyawazi amalungelo akho?
-
“Ilungelo lokunakekelwa,” kusho uNtombi.
-
“Ilungelo lokuba negama!” kumemeza uNsuku.
-
“Ilungelo lokuphila ezweni lami, noma kuliphi elinye ilizwe,” kusho uShadrack.
9
“Ilungelo lokuphepha,” kusho uMelanie, emuva.
-
“Ilungelo lemfundo,” kusho u-Arnold.
-
“Ilungelo lokuba ungalinyazwa futhi ungahlukunyezwa,” kusho uNhlayiselo.
10
Lawa ngamanye amalungelo izingane ezinawo.
-
Sinamalungelo futhi sinemisebenzi okulindeleke ukuthi siyenze. Sinamalungelo futhi sinesibopho.
-
Yiziphi izibopho izingane ezinazo?
-
“Isibopho sokwenza imisebenzi yasekhaya,” kusho u-Ann.
11
“Isibopho sokunakekela umzimba wami nengqondo yami futhi ngihlale ngiphilile,” kusho uNsuku.
-
“Isibopho sokuphatha abanye ngendlela esifuna ukuphathwa ngayo,” kusho uCheyeza
-
Isibopho sokusebenza ngokuzimisela esikoleni,” kusho uMixo.
12
Isibopho sokuhlonipha amalungelo abanye,” kusho uLerato.
-
Sonke sinesibopho sokuhlonipha amalungelo abanye abantu.
-
Bonke abantu bayalingana.
-
Usuku lwamalungelo abantu lumayelana nenkululeko nokulingana kwethu sonke.
13
—
—
Imibizo
Kungani usuku lomhla zingama-21 kuNdasa luyiholide eNingizimu Afrika?
Yini amalungelo abantu?
Nikeza izibonelo ezintathu zamalungelo ezingane?
Tholisisa kabanzi ngeMithetho yamalungelo iBill of Rights yaseNingizimu Afrika. Bese wenza uhlu lwamalungelo.
14
—
—
Izincwadi ezikulolu chungechunge
Usuku lwenkululeko
Usuku lwamagugu
Usuku lwamalungelo abantu
Usuku lokubuyisana
Usuku lwabesifazane
Usuku lwabasebenzi
Usuku lwentsha
15
—
—
Lendaba ibhalwe ngolimo lweXitsonga njengenye yezikhali zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ka-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title
: Usuku lwamalungelo abantu
Author/s
: Arnold Mushwana
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Thulisile Shongwe
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator