Please view the book
in landscape mode.
UNtuthwane nendlovu
Sicelo Hlamandana
Simangaliso Sibiya & Fezile Twala
Langa limbe, izilwane zahlangana ekuseni ukuzokhetha inkosi yazo.
-
Izinhlobo ngezinhlobo zezilwane nezinambuzane zahlangana kulo mbuthano.
-
Zamangala ukuthola ukuthi izindlovu nokuyizilwane ezinkulu kunazo zonke zazingekho emhlanganweni.
1
Umhlangano waqhubeka nakuba zingekho izindlovu.
-
“Sizoqhubeka ngokhetho lwethu noma izindlovu zingekho. Kumele sazi ukuthi ngubani inkosi yethu namhlanje,” kusho isikhova.
2
Izilwane zakhetha uNtuthwane ukuba abe yinkosi entsha.
-
UNtuthwane wavuma ukuba ngumholi nakuba wayenovalo.
-
“Lesi isibopho esizoba umthwalo omkhulu kanjalo nomsebenzi okumele ngiwenze,” ecabanga.
3
Zabhebhetheka ngokushesha izindaba ezithi uNtuthwane nguyena okhethwe ukuba yinkosi entsha.
-
Zafika ezindlebeni zenkosana yezindlovu.
-
Yathukuthela yagana unwabu.
4
Inkosana yezindlovu yahamba yaya ehlathini ukuyofuna ukudla.
-
Yayinamandla futhi ingahloniphi nasinye isilwane, ikakhulukazi izilwanyana ezincane njengezintuthwane.
-
Yayingenandaba nokuthi inyathela endaweni yezintuthwane.
5
Isahamba inkosana enamandla, yavele yanyathela yagxoba ugodo. Zaphuma izintuthwane ngobuningi bazo.
-
UNtuthwane oweyesanda kukhethwa ukuba yinkosi entsha, wavele wangena phakathi embokweni wenkosana yendlovu.
-
UNtuthwane wathi, “Kumele usihloniphe sonke,” isho iluma inkosana yendlovu kaningi.
6
Inkosana yendlovu encane yakhala icela uxolo.
-
Yaphindela ekhaya idumele ngalelo langa futhi ingakutholanga nokudla.
-
Ezinye izindlovu zamangala ngezethembiso ezenziwa yinkosana yazo kunkosi uNtuthwane.
7
Izindlovu zazijabulele ukuthi inkosana yazo ibuyile kuzo.
-
Azikushayanga mkhuba ukuthi uNtuthwane wabe eyinkosi.
-
Izintuthwane zaqhubeka nokubusa nakuba zabe ziyizilwanyana ezincane.
8
Your attribution should include the following:
Title
: UNtuthwane nendlovu
Author/s
: Sicelo Hlamandana
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Simangaliso Sibiya & Fezile Twala
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator