UTebello Nyokong, usoSayensi olwa nesifo somdlavuza
Nomsa Angelina De Wee
Simon Mokoena


UTebello Nyokong ungusoSayensi ovelele eNingizimu Afrika.
-
Ulwazi lwakhe lusiza ukwelapha nokusindisa izimpilo zabantu abanezifo ezibucayi.
1
Eseyingane, uTebello wayehlala nogogo nomkhulu bakhe eLesotho. Bamkhulisa kahle.
-
Ngamanye amalanga wayelusa izimvu, bese kuthi ngosuku olulandelayo aye esikoleni. Wayiqala kanjalo imfundo yakhe.
2
Ngesikhathi uTebello eluse izimvu, wayebona nezinye izilwane nezitshalo.
-
UTebello wayeyithanda imvelo.
-
Wayeyingane eyayihlale ilangazelele ukwazi okufihlekile.
-
Wafunda kabanzi ngemvelo ezilwaneni nezitshalo okwakusepulazini.
3
UTebello wayefuna ukufunda iSayensi esikoleni.
-
Bamtshela ukuthi angazami nokuzama ngoba inzima kakhulu.
-
Bathi iSayensi isifundo sabafana akusona esamantombazane.
-
Waqale wabalalela. Abangani bakhe esikoleni babefunda ezinye izifundo.
4
UTebello wayezimisele ngempela ukufunda ngeSayensi. Wayazi ukuthi angakwenza lokho.
-
Ekugcineni, bamvumela wasifunda lesi sifundo. Kwamjabulisa lokho futhi wayenekhono kuso.
-
Waqala ukufunda iSayensi esesalelwe iminyaka emibili ukuthi aqede esikoleni esiphakeme!
5
UTebello wasebenza kanzima ukuze afike ezingeni ezinye izingane ezazifunda iSayensi ezase zikulo.
-
Wayehlakaniphile, ezimisele futhi ekuthanda ukufunda.
-
Wafunda zonke izifundo zeSayensi zase sikoleni esiphakeme ngeminyaka emibili futhi waphumelela kuleso sigaba!
6
Isifundo sezeKhemisi, iChemistry ngesiNgisi, siyingxenye yeSayensi yeMvelo. Siyingxenye yolwazi lweSayensi kanti uTebello wayesithanda kakhulu.
-
Umsebenzi wokulinga kulesi sifundo sezeKhemisi wawenzelwa endlini yakhona ilebhu yeSayensi.
-
UTebello wayazi ukuthi ufuna ukuya eNyuvesi ayofunda ezeKhemisi!
7
Wabhalisela ukuthi ayofundela ukuthola iziqu seSayensi kwiNyuvesi yaseLesotho.
-
Wayengumfundi ohlakaniphile futhi osebenza kanzima. Wayechitha isikhathi esiningi elebhu enza umsebenzi wokulinga.
-
Waphumelela kahle kakhulu wase ethola umfundaze wokuyofunda eKhanada.
8
UTebello wayethanda ukufunda iSayensi, kodwa wadabuka ukushiya umndeni wakhe nabangani bakhe e-Afrika.
-
Waya eKhanada ngoba wayefuna ukufunda ngocwaningo lweSayensi khona.
-
Wayefuna ukuba nguchwepheshe emkhakheni weSayensi.
9
UTebello wahlangana nabangani abasha eKhanada.
-
Babekhuluma izilimi ezahlukene, kodwa isiNgisi sasibasiza kakhulu ukuthi bakwazi ukuzwana kahle.
-
EKhanada lalikhithika emadolobheni akhona njengasezintabeni zaseLesotho.
-
Akubanga yisikhathi eside ngaphambi kokuba uTebello azuze omunye umfundaze wokuba aqhubeke nezifundo zakhe.
10
Ngokulandelayo, waya eNyuvesi yaseMelika. Wabhekana nocwaningo lweSayensi lokulwa nezifo ezibucayi.
-
Emva kweminyaka eminingi efunda, uTebello waphindela ekhaya. Wayefuna ukusebenzisa ulwazi lwakhe ukusiza abantu eNingizimu Afrika.
-
UTebello wayezethembile.
11
Namhlanje, uTebello usenguSolwazi weSayensi. Unelebhu yakhe yeSayensi futhi ufundisa enyuvesi.
-
Wenza ucwaningo ngezindlela ezintsha zokusiza abantu abanezifo ezibucayi.
-
Umsebenzi kaSolwazi uNyokong ugcwalisela ulwazi lwezokwelapha nokusiza abantu abanesifo somdlavuza.
12
Umsebenzi wakhe wengeza ulwazi lweSayensi olusisiza ukulwa nezifo.
-
Impilo yakhe ikhombisa ukubaluleka kokuzethemba nokungahlehleli emuva.
-
Sidinga abanye osoSayensi abaningi abafana noSolwazi uTebello Nyokong!
13

Imibuzo


  1. Yimaphi amazwe amathathu afunda kuwo uTebello? Athole kubalazwe.
  2. Ngesikhathi eseyingane ngabe uTebello wayeyiqaphela imvelo? Ukwazi kanjani lokho?
  3. Kungani babetshela uTebello ukuthi angasifundi isifundo seSayensi? Ngabe uyavumelana nalokho?
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • U-Andile Mji
  • U-Asnath Mahapa
  • UBongani Mayosi
  • UCharlotte Maxeke
  • UMmantsane Moche Diale
  • UMulalo Doyoyo
  • UTebello Nyokong
  • UTshilidzi Marwala
15


Le ndaba ibhalwe ngolimi lweseSotho nje ngenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: UTebello Nyokong, usoSayensi olwa nesifo somdlavuza
Author/s: Nomsa Angelina De Wee
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator