Ngizokubamba!
Martha Kekana
Isaac Okwir
Endaweni ebizwa ngokuthi iGaMaupye, engaphandle kwedolobha iPolokwane, kuhlala uMnumzane Masoga Maupye nowakwakhe uNkosikazi Masohlo Maupye.
-
UMnu Maupye wondla umndeni wakhe ngokulima. Uvuka njalo ekuseni aye emasimini nenja yakhe uPichonki.
1
“Namhlanje ngizokubamba lokhu okudla izilimo zami,” kusho uMnu Maupye ngokuzethemba.
-
“Angisebenze kakhulu kuze kube semini,” usho kuPichonki.
2
UMnu Maupye usebenza kanzima emasimini.
-
Wondla umndeni wakhe ngezilimo zakhe.
-
Akayithengi impuphu nemifino.
3
Emva kwamahora ambalwa, kufika uNkosikazi Maupye ensimini.
-
Ulethe ukudla kwasemini namanzi.
-
“Sawubona Mokone,” kubingelela uNkosikazi Maupye.
4
UMnu Maupye uyadla, uyaphuza bese ephumula.
-
“Kulo nyaka, sibusiswe ngemvula. Izilimo ziluhlaza futhi zikhula kahle,” uyaphawula.
-
“Kunjalo, sizothumela amasaka ayishumi amabele ayogaywa,” kuphendula uNkosikazi Maupye.
5
“Khohlwa yilokhu okudla izilimo zakho! Kuningi ukudla,” kuhleka uNkosikazi Maupye.
-
“Ngiyabona ukuthi awungazi, sithandwa sami.
-
Ngiyafunga, ngizokubamba!” kuphendula uMnu Maupye.
6
Kwathi kusenjalo, Umnu Maupye ubona onogwaja udla izilimo zakhe. Wagxuma wawujikijela ngegeja.
-
“Ngizowubamba!” kumemeza Umnu Maupye.
7
Wabaleka wayoshona unogwaja.
-
UPichonki akazange awuthole.
-
Igeja nalo lase lephukile.
-
UNkosikazi Maupye uphefumulela phezulu.
8
Your attribution should include the following:
Title: Ngizokubamba!
Author/s: Martha Kekana
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Isaac Okwir
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator