UDada noJuba
Nwabisa Dumela
Tebogo Boikanyo Matshana
“Tswi! Tswi! Tswi!”
-
“Kwa! Kwa! Kwa!”
-
“Kwek! Kwek! Kwek!”
-
UDada noJuba bahlangana esizibeni phambi komfula njengokuvamile. Babengabangani abakhulu.
1
Lalishisa kakhulu ilanga.
-
UDada wagxuma waziphosa emanzini. UJuba wacabanga, “Kubukeka kumnandi ukubhukuda.”
-
Emuva kokufaka ikhanda lakhe emanzini, uDada wathi, “Uyathanda ukubhukuda? Gibela emhlane wami, ngizokufundisa.”
2
Wavuma uDada. Njalo uma uDada ezama ukufaka ikhanda ngaphansi kwamanzi, uJuba wayendiza aye phezulu.
-
UJuba wacabanga edumele, “Angisoze ngikwazi ukubhukuda njengoDada.”
-
UJuba wagcina esemshiye yedwa uDada emanzini.
3
“Yini inkinga manje Juba? Uyangiphoxa. Ungangishiya kanjani ngedwa emanzini?” kukhalaza uDada.
-
UJuba waphendula wathi, “Ngesaba ukuminza.”
-
“Bengicabanga ukuthi ufuna ukufunda ukubhukuda njengami,” kusho uDada.
4
“Tswi! Tswi! Tswi! Dada, kungcono ngifundise wena ukundiza. Ukubhukuda kunzima!”
-
UJuba wagibela phezu kwetshe elikhulu. UDada walandela.
-
Kusenjalo, uJuba wase egibele esihlahleni eside. UDada wayengakwazi ukulandela.
5
UDada wadumala. Ngokuthukuthela wacabanga, “uJuba akangicabangeli.
-
Ngiyidada mina, angilona ijuba. Ngijwayele ukubhukuda hhayi ukundiza.”
-
UJuba wayefuna ukududuza umngani wakhe.
6
Bahlala phansi etsheni bethule.
-
Ekugcineni, uJuba wathi, “Mngani wami, namhlanje ngifundile ukuthi ngeke ngikwazi ukubhukuda njengawe.
-
Nawe futhi ngeke ukwazi ukundiza njengami. Mina ngiyandiza, wena uyabhukuda.”
-
Bamukelana ngokufudumala.
7
“Singamadada, uma sibhukuda sifaka amakhanda ethu ngaphansi kwamanzi sithi, ‘Kwaa kwaa kwaa gxadada! Kwaa kwa kwa gxadada!’”
-
“Siyizinyoni, uma sindiza sishaya amaphiko ethu sithi, ‘Tsiyo, tsiyo, tsiyo!’”
8
Your attribution should include the following:
Title: UDada noJuba
Author/s: Nwabisa Dumela
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Tebogo Boikanyo Matshana
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator