Umhlangano womndeni
African Storybook
Thulisile Shongwe
Sinomhlangano womndeni.
-
Kulo mhlangano kukhona uBaba, u-anti uPula, umalume uChavani, u-Eddie, u-Attie, mina kanye nogogo.
-
Yimina omncane kubo bonke laba.
1
Sihlala sivule umsakazo lapha ekhaya. Njalo silalela izindaba.
-
Namhlanje sizwile ukuthi izikole zizophinde zivulwe ngesonto elizayo.
2
Izikole zivalwe izinyanga ngenxa kathaqa wezwe lonke.
-
Ubaba uyaqala, “Mndeni, sidinga ukuthatha isinqumo mayelana nokuphindela kwezingane esikoleni.”
3
Ubabekazi uPula ukhathazekile. “Uma izikole zivulwa kuchaza ukuthi abantu abaningi bazosuleleka ngegciwane lekhovidi.”
-
Izinto zigaba nzima kunalokhu,” uyasho.
4
U-Attie uthi, “Ngiyesaba ukuthola leli gciwane.
-
Kungcono ke silinde amasonto amabili sibone ukuthi izinto zihamba kanjani esikoleni. Kusekuningi ukudideka.”
5
Ubaba uthi, “Ngesabela ugogo.
-
Uma izingane zingathola leli gciwane zibuye nalo ekhaya, kuyoba nzima kakhulu kuye.”
-
Ugogo uvuma ngekhanda.
6
Ugogo usegugile. Unesifo sikashukela nesenhliziyo.
-
Ngiyesaba kakhulu. Ngikhathazekile ngomndeni wami.
7
Umalume uChavani uthi, “Ngicabanga ukuthi izingane kufanele ke zihlale ekhaya okwamanje. Make silinde sibone ukuthi ngabe izikole zikulungele yini ukwemukela abafundi.”
-
Wonke umuntu uyavuma, ngaphandle kuka-Eddie.
8
″Kumele ngiye esikoleni esisezingeni eliphezulu ngonyaka ozayo.
-
Angazi noma ngizokwazi yini ukwenza wonke lo msebenzi osalele emuva.
-
Angikuthandisisi kahle ukufunda nge-inthanethi,” kusho u-Eddie.
9
Anginankinga nokusalela emuva ngomsebenzi wesikole.
-
Ngikhathazeke ngobuntu. Sizophathana kanjani manje?
-
Kumele sibhekane nalesi simo ngokubambisana.
10

Imibuzo


  1. Bhala incazelo yala magama: Ukwesuleleka, abadala, ukunakekela, ubuntu.
  2. Chaza ukuthi kusho ukuthi 'ukukhathazeka ngobuntu'
  3. Ucabanga ukuthi umndeni uthathe siphi isinqumo? Kungani?
11


Le ncwadi yezindaba ixoxa ngemibiko yomsakazo i-RX Radio. I-RX Radio ngumsakazo wezingane we-inthanethi futhi osakaza izindaba ezithinta zona.
-
Isakazela esiteshini esisesibhedlela saseKapa i-Red Cross War Memorial Children's Hospital.
-
I-RX Radio isiza izingane ukuba zikwazi ukuxoxa izindaba ngezinto ezibalulekile kuzona.
-
Vakashela i-RX Radio
12
Your attribution should include the following:
Title: Umhlangano womndeni
Author/s: African Storybook
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Thulisile Shongwe
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator