Iholidi lika-Alina
Sponono Mahlangu
Khanyisa Masemola
Edolobheni esasihlala kulo, kwakukhona intokazi eyayiyisicebi. Igama layo kwakungu-Alina.
-
U-Alina wayehlala endlini enhle eyayiyisitezi.
-
Wayenakho konke, kodwa wayengajabule neze.
1
Ngelinye ilanga, u-Alina wayezihambela ezungeza umuzi wakhe omkhulu.
-
Washo wamamatheka ngesikhathi ecabanga, “Ngifisa ukuhlangana nabantu abasha. Mhlawumbe ngingakwazi ukuzakhela abangane uma ngiathatha iholidi. Mhlawumbe nje, ngingazitholela umuntu obalulekile kimi.”
2
U-Alina waqala wahlela ukuthatha iholidi ehhotela elalisogwini lolwandle.
-
Wajabula kakhulu lapho kufika usuku lokuhamba. Washeshe wafika ehhotela ayezohlala kulo.
-
Wazihlela ngokushesha ukuze azijabulise kule ndawo enhle kangaka.
3
U-Alina walala waphumula ebhishi. Wayelokhu ezibukela abantu ababeseduze kwakhe.
-
Kusenjalo wabona indoda eyayihamba nezingane ezimbili.
-
Lo mndeni wawungabukeki ukujabulela ukuba kule ndawo. Bonke babebukeka bedangele. Izingane zazidlala buthule.
4
U-Alina wacabanga ezibuza, “Ngabe yini ebenza babukeke bedangele endaweni enhle kangaka.”
-
Ngalo lolo suku ntambama, u-Alina wayezibhukudela echibini lasehhotela ngesikhathi kufika izingane zale ndoda nazo zizobhukuda.
-
U-Alina waqala waxoxa nazo elangazelele ukwazi ngazo.
5
Amagama azo kwakunguKarembo noKazungu.
-
Batshela u-Alina ukuthi leli kwakuyiholidi labo lokuqala selokhu kwashona umama wabo.
-
Kwathi u-Alina esebona ubaba wezingane, walubona usizi nobuhlungu bokulahlekelwa okwakubhalwe ebusweni bakhe. Igama lakhe kwakunguClemens
6
UClemens no-Alina kanye nabantwana baqala bachitha isikhathi bendawonye.
-
UKarembo noKazungu babethanda ukudlala no-Alina ebhishi.
-
U-Alina wabafundisa ukweluka obhasikidi usebenzisa amahlamvu esundu nokwakha izindlu zesihlabathi.
7
Zedlula izinsuku kumnandi ukuzihlalela elangeni.
-
U-Alina wayengafuni ukubuyela emzini wakhe owawunesizungu.
-
“Seliyaphela iholidi lami. Mhlawumbe uma ngiqhuba isikhathi sokuhlala lapha, ngeke ngihlale ngidangele,” ecabanga.
8
Ngalobo busuku, u-Alina wezwa ukungqongqoza emnyango.
-
Wathi uma evula umnyango, wabona uKarembo noKazungu bemi phambi kwawo.
-
Bakhuluma kanye kanye, “Sifuna ukuthi ube ngumama wethu!” U-Alina akazanga ukuthi uzobaphendula athini.
9
Kwathi sebeqedile ukukhuluma, u-Alina wahamba noKarembo noKazungu waya endlini yabo.
-
Kwakumjabulisa uClemens ukubona izingane zakhe zijabule uma zino-Alina. U-Alina wanga izingane wavalelisa.
-
“Ngihlangene nabantu abathathu ababalulekile kimi,” kucabanga u-Alina.
10
Ngakusasa ekuseni, u-Alina wahlangana noClemens nabantwana ukuyodla ukudla kwasekuseni.
-
UKarembo noKazungu babembuka ngokumethemba u-Alina ngesikhathi eyohlala phansi.
-
“Ngabe kwenzenjani?” kubuza uClemens emamatheka ngesikhathi ebuka izingane zakhe zinobuso obuchachambile.
11
Emva konyaka, u-Alina noClemens bashada!
-
Njalo ngonyaka lo mndeni wawuvakashela kuleli hhotela ukuyogubha usuku lokuqala abahlangana ngalo.
-
Babedlala emanzini bakhe nezindlu zesihlabathi njengoba babenza mhla beqala ukuhlangana.
12
Your attribution should include the following:
Title: Iholidi lika-Alina
Author/s: Sponono Mahlangu
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator