UBongani Mayosi, uDokotela wenhliziyo
Nozuko Mkizwana
Sibusiso Khumalo


Le ndaba ixoxa ngoDokotela waseNingizimu Afrika uBongani Mawethu Mayosi.
-
WayenguSosayensi owathola into ebalulekile mayelana nesifo senhliziyo.
1
UBongani wazalwa ngonyaka ka-1967. Wazalelwa eMthatha, esifundazweni saseMpumalanga Kapa eNingizimu Afrika.
-
Wafunda isikole esigodini saseNgqamakhwe.
-
Umama kaBongani wayengumhlengikazi, kanti ubaba wakhe wayengudokotela.
2
Njalo uma bebuyela ekhaya ekupheleni kosuku abazali bakhe babexoxa ngemisebenzi ababeyisebenza.
-
UBongani wazizwa esenothando lwezempilo nokusiza abantu.
-
Waba nothando lweSayensi yezempilo.
3
Esikoleni, uBongani wayethanda iZibalo neSayensi yempilo.
-
Wayesebenza kanzima kulezo zifundo ngoba efuna ukuba ngudokotela.
-
Emva kwemfundo yamabanga aphakeme, wafunda enyuvesi yaKwaZulu Natal nakweyaseKapa.
-
Wayengumfundi ovelele kakhulu.
4
UBongani wathola umfundaze wokuqhuba izifundo zakhe enyuvesi i-Oxford eseNgilandi.
-
Waphinde wafunda naseMelika. Wabe esebuya eza eNingizimu Afrika ukuzosebenza njengodokotela.
-
Wayengudokotela omuhle onesineke, othanda iziguli zakhe.
5
Akuthathanga isikhathi eside ngaphambi kokuthi uBongani abuyele phesheya kwezilwandle futhi.
-
Wayefuna ukufunda kabanzi ngokuphathelene nenhliziyo ikhadiyoloji.
-
Ikhadiyoloji yisifundo senhliziyo nezifo ezithinta inhliziyo.
-
UBongani wayengudokotela wenhliziyo, iCardiologist ngolimi lwesiNgisi.
6
UDokotela uMayosi wasebenza nabanye abacwaningi phesheya.
-
Bathola into ebaluleke kakhulu.
-
Laba bacwaningi bathola ukuthi kungani abanye abantu behlushwa yisifo senhliziyo.
-
Lokhu abakuthola kwakubaluleke kodokotela bomhlaba wonke jikelele.
7
UBongani wabuyela eNingizimu Afrika esenolwazi lobuchwepheshe kwezempilo.
-
Wasebenza noNgqongqoshe wezempilo wezwe futhi wanikeza izeluleko ngezinkinga zezempilo ezweni.
-
Iphupho lakhe kwakungukubona amazwe ase-Afrika exazulula izinkinga zawo zempilo ngokusebenzisa iSayensi.
8
UBongani wayezithemba njengosoSayensi wase-Afrika. Ucwaningo aluthola lwalubaluleke umhlaba wonke.
-
INingizimu Afrika yagubha umsebenzi wakhe nempumelelo yakhe.
-
Wahlonishwa ngendondo yeSayensi ephezulu kakhulu ezweni, ebizwa ngeSimiselo seMapungubwe.
9
UBongani wayenguSolwazi wezeNhliziyo eNyuvesi yaseKapa (UCT).
-
Ngemfundiso yakhe, wadlulisela ulwazi lwakhe kubafundi bakhe.
-
Wayebuqonda ubunzima abafundi abaningi ababebhekene nabo. Wakhuthaza odokotela abasebasha nabanye abafunda iSayensi yezempilo.
10
USolwazi uMayosi wakhushulwa waba ngumphathi weSayensi yezempilo eNyuvesi yaseKapa.
-
Wayehlezi ematasatasa ngomsebenzi wakhe. Wayenguthisha, umcwaningi, nomholi.
-
UBongani Mayosi ukhunjulwa njengesibonelo kubantu abaningi.
11
Wasuka esikoleni sasemaphandleni waba ngumholi weSayensi yezempilo kwiNyuvesi ephezulu yaseNingizimu Afrika.
-
Waba nguchwepheshe emhlabeni wonke kwezeSayensi yezempilo.
-
UBongani wazuza lukhulu empilweni yakhe kodwa wayezithobile.
12
Uma sifunda ngeSayensi, singacabanga ngoDokotela uMayosi.
-
Singagubha impumelelo yakhe kanye neyabanye oSosayensi abaningi base-Afrika.
-
Futhi singahalalisa ngokubaluleka kolwazi lwase-Afrika.
13

Imibuzo


  1. Ngubani oxoxa le ndaba? Imayelana nobani le ndaba?
  2. Waba nini nothando lwezempilo neSayensi uBongani futhi kungani?
  3. Yini iCardiology? Iyini iCardiologist?
  4. Iyini i ‘Sayensi yezempilo’? Thola kabanzi ngomsebenzi weSayensi yezempilo.
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • Andile Mji
  • U-Asnath Mahapa
  • UBongani Mayosi
  • UCharlotte Maxeke
  • UMmantsane Moche Diale
  • UMulalo Doyoyo
  • UTebello Nyokong
  • UTshilidzi Marwala
15


Lendaba ibhalwe ngolimi lwesiXhosa nje ngengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: UBongani Mayosi, uDokotela wenhliziyo
Author/s: Nozuko Mkizwana
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Sibusiso Khumalo
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator