Please view the book
in landscape mode.
ULesedi
Tebogo Matshana
Tebogo Matshana
Udadewethu uLesedi uyisiphithiphithi.
-
Ugenqukisa isitulo sakhe phansi naphezulu azenze ibhele.
-
Ukhwela esihlahleni acashe khona uma uzama ukumbamba.
1
“Yehla lapho esihlahleni, uzozihlikiza izinwele zakho!” kumemeza uGogo.
-
“Awu Gogo,” kuphendula uLesedi, “Ngisazindizela kamnandi lapha emoyeni!”
-
Ugogo unikina ikhanda lakhe angakholwa akubonayo.
2
Ngeke ukholwe ukuthi njalo uma lina, udadewethu uLesedi ugijima emvuleni.
-
“We Lesedi!” kumemeza uGogo, “Ngena endlini, uzomanzisa izingubo zakho!”
3
ULesedi udweba izithombe ngomunwe ekudleni kwakhe, enze amachibi ngetiye.
4
Uqongqotha ashaye izigubhu zakhe amemezise kakhulu isigingci sakhe sikagesi.
5
Akumangalisi ukuthi akaboni nokuthi uyangcolisa egumbini lethu lokulala!
6
“Lesedi,” kusho uGogo, “Ngempela akuyona indlela okufanele ileti elincane njengawe liziphathe ngayo le.”
7
“Awu Gogo,” kuzamula uLesedi, “Nami ngadalwa nginje.”
8
ULesedi akabuthi quthu ubuthongo ebusuku, uyaphenduka, uyaguquka ubusuku bonke.
9
Uma kuvukwa ekuseni, uLesedi uyozela.
-
“Awu Gogo, angilalanga kahle neze,” kusho uLesedi.
-
“Ngicela unginikeze umshanelo, Ngicabanga ukuhlanza igumbi lami lokulala.”
10
“Awu Lesedi,” kumoyizela uGogo, mhlawumbe ungaba yileti namhlanje!”
-
“Awu Gogo,” kumoyizela uLesedi, “Ngingaba yimina, njengoba ngingaba yileti.”
11
“Ngingaba yikho kokubili. Ngingaba yinoma yini engiyithandayo,” kuchaza udadewethu ngesikhathi anga uGogo.
12
Your attribution should include the following:
Title
: ULesedi
Author/s
: Tebogo Matshana
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Tebogo Matshana
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator