Please view the book
in landscape mode.
UMulalo Doyoyo namasu ahlakaniphile
Arnold Mushwana
Thulisile Shongwe
—
—
Lena yindaba exoxa ngoMulalo Doyoyo ongumsunguli nosoSayensi wase Ningizimu Afrika.
-
Abasunguli abantu abacabangayo bese bakha izinhlobo ngezinhlobo zezinto ezintsha.
-
UMulalo usebenzisa iSayensi nobuChwepheshe ukwakha nokusungula izinto ezintsha ezisiza abantu kanye nendawo esizungezile.
1
“Ngifuna ukunitshela ngoNjiniyela owaba ngumsunguli odumile. Wazalelwa esigodini saseVondwe,” kuqala uthisha u-Mary.
-
“Thisha ikuphi iVondwe?” kubuza uLulama.
-
“Isemaphandleni esifundazweni saseLimpopo,” kuphendula uthisha.
2
“UMulalo Doyoyo wazalwa ngonyaka we-1970. Nanikuphi nina nonke ngonyaka we-1970?” kubuza uthisha uMary.
-
“Sasingakazalwa ngonyaka we-1970 thisha,” kuphendula u-Jack ehleka.
-
“UMulalo waqala ukufunda esikoleni samabanga aphansi iVondwe Primary ngonyaka we-1977,” kuqhubeka uthisha.
3
“Ngesikhathi eseyofunda esikoleni samabanga aphakeme waqala ukuba nothando lweSayensi nobuNjiniyela,” kusho uthisha u-Mary.
-
“Yini ubuNjiniyela?” uyabuza.
-
“UbuNjiniyela buhlanganisa iSayensi nobuChwepheshe,” kuphendula uNkoka.
-
“Kumayelana nokwenza imishini, amabhilidi, nezinye izinto,” kuphendula uKhulani.
4
“Nobabili nishaye esikhonkosini. ONjiniyela basungula bakhe imishini, izinto, nezakhiwo. Basebenzisa iSayensi nobuChwepheshe,” kusho uthisha.
-
“Kwathi angaqeda izifundo zakhe eMbilwi Secondary, uMulalo wazuza umfundaze wokuyofundela ubuNjiniyela enyuvesi yaseKapa,” uyaqhubeka.
5
“Ngesikhathi uMulalo esenyuvesi waqala inhlangano ebizwa ngokuthi i-
Temescial
.
-
Lokhu kumele 'UbuChwepheshe, ubudokotela bezempilo neSayensi kwabo bonke abantu'.
-
I-
Temescial
igqugquzela abantu abasha ukuba bafunde iSayensi, ubuChwepheshe, ubuNjiniyela neMathamethiki.
-
Ekuhambeni kwesikhathi sizothola kabanzi ngalokhu.”
6
“Emva kokuthola iziqu zakhe zokuqala, uMulalo waya eMelika. Wayefunda aphinde afundise emaNyuvesi khona.
-
Wayefundisa iSayensi neMathemathiki. Yini iMathemathiki?” kubuza uThisha u-Mary.
-
“Yisifundo sezinombolo, izimo, namaphethini” kusho u-Akhani.
7
“Ushaye khona Akani” kusho uthisha.
-
Uyaqhubeka nendaba yakhe.
-
“UMulalo uneziqu zobudokotela kulo mkhakha. Wazuza iziqu eziphakeme ezaziwa nge-
PhD.
Uma usuzuze lezi ziqu ubizwa ngodokotela. Unguchwepheshe emkhakheni akuwo wobuNjiniyela.”
8
“Manje, ngaphambi kokuthi nginitshele ngezinto ezisungulwe nguMulalo, anginikhumbuze ngento esetshenziselwa ukwakha ebizwa ngokuthi usimende,” kusho uthisha.
-
“Usimende unetshe lelayimi futhi usetshenziswa ukwakha zonke izakhiwo namabhilidi amakhulu.
-
Leli tshe limbiwa emgodini bese ligaywa libe yimpuphu, emva kwalokho liyashiswa ukwenza usimende.”
9
“Bafundi, UMulalo waba ngowokuqala ukwenza usimende ongenalo leli tshe. Uma wenziwa kusetshenziswa umlotha nokunye ukungcola okuphuma ezimbonini.
-
Lokhu kuchaza ukuthi ungakwazi ukwenza usimende ngaphandle kokumba itshe lelayimi emgodini. Ngaleyo ndlela uphephisa indawo esihlala kuyo.”
10
“UMulalo waphinde wakha umshini wokwenza izitini obizwa ngokuthi i-
Ecocast
. Lo mshini wonga amanzi nogesi. Amanzi atholakala kanzima!”
-
“Akufanele sishiye ompompi bengavaliwe namanzi ezivuzela nje,” kusho u-Jack.
-
“Yebo wonke umuntu unesibopho sokuba onge amanzi,” kuphendula uLulama.
11
“Sengiphetha indaba yami ngesithuthuthu esisebenza ngamandla amanzi ihayidrojini! Lesi sithuthuthu sibizwa ngokuthi i-
Ahifambeni
.
-
UMulalo nguyena owaba ngowokuqala ukwakha lesi sithuthu ehlangene nabanye abacwaningi,” kusho uthisha.
-
“Isithuthuthu sehayidrojini, lokho ngubuhlakani!” kusho uKhulani.
-
“
Ahifambeni
! Asambeni!” kusho uNkoka.
12
“Yebo! Asambeni siyofundela ubuNjiniyela sizokwazi ukuqala sakhe izinto ezinobuhlakani!” kusho uKhulani.
-
“Masisebenzise iSayensi nobuChwepheshe ukuxazulula izinkinga bese siyathokoza!” kusho uNkoka.
-
“Bengazi ukuthi indaba kaMulalo izonigqugquzela!” kusho uthisha u-Mary emoyizela.
13
—
—
Imibuzo
Yini othanda ukuyifundela? Kungani uthanda ukuyifundela?
Ucabanga ukuthi yini eyenza uMulalo abe nothando lweSayensi nobuNjiniyela?
Thola kabanzi ngezinhlobo ezehlukile zobuNjiniyela.
Thola kabanzi ngabasunguli bezinto base-Afrika.
Izinto ezintsha ezisungulwe uMulalo ziyivikela kanjani imvelo?
Iyini i-
STEM?
Chaza ukuthi kungani ibalulekile.
Ngaphandle kweNyuvesi yaseKapa, thola amanye amanyuvesi ayisikhombisa aseNingizimu Afrika afundisa ubunjiniyela.
Chaza ukuthi kungani amanzi entuleka.
14
—
—
Izincwadi ezikulolu chungechunge
U-Andile Mji
U-Asnath Mahapa
UBongani Mayosi
UCharlotte Maxeke
UMmantsane Moche Diale
UMulalo Doyoyo
UTebello Nyokong
UTshilidzi Marwala
15
—
—
Le ndaba ibhalwe ngolimi lweXiTsonga njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngonyaka wezi-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title
: UMulalo Doyoyo namasu ahlakaniphile
Author/s
: Arnold Mushwana
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Thulisile Shongwe
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator