Ubuhlakani bukaNomusa
Zandile Malaza
Simon Mokoena
Endaweni yakwaMasoyi esifundazweni saseMpumalanga, kwakukhona intombazane eyayihlakaniphe kakhulu. Igama layo kwakunguNomusa.
-
UNomusa wayehlala nogogo wakhe owayengumlimi wommbila.
-
Abantu abaningi bakule ndawo babengakwazi ukufunda nokubhala.
1
UNomusa wayesithanda isikole, kanti nogogo wakhe wayeziqhenya ngaye.
-
Kwakuthi njalo uma ephuma esikoleni, ugogo wakhe amnike umsebenzi azowenza.
-
Kwakufanele eluse izinkawu nezinyoni ezazifuna ukudla ummbila emasimini.
2
UNomusa wakuthola kunzima ukwelusa izinkawu nezinyoni njalo ntambama.
-
Wayevame ukungasitholi isikhathi sokuqedela umsebenzi wesikole.
-
Izingane eziningi zakule ndawo zaziphutha esikoleni ngoba kufanele ziye emasimini usuku lonke.
3
Ngokuhamba kwesikhathi, uNomusa waqala ukukhathala ukuxoshana nezinyoni nezinkawu emasimini.
-
“Nginalo isu eliwubuhlakani,” wacabanga.
4
UNomusa wabopha izinduku ndawonye.
-
Wagqokisa izinduku ihembe lakhe wabophela nesiketi sakhe phakathi nendawo ezindukwini.
-
Waphakamisa izinti zaqonda wase ezigqokisa isigqoko sakhe sokusebenza.
-
Wakha isethusanyoni!
5
UNomusa wabeka isethusanyoni phakathi nensimu yommbila.
-
“Lesi sethusanyoni sizongimela uma ngenza umsebenzi wami wesikole. Ugogo uzocabanga ukuthi ngisensimini,” uNomusa wamoyizela yedwa.
6
Zonke izinsuku wayecashisa isikhwama sakhe sesikole ahambe naso aye ensimini.
-
Wayehlala egqoke iyunifomu yakhe yesikole bese kuthi izingubo zakhe zokusebenza azigqokise isethusanyoni.
-
Emva kwalokho wayehlala emthunzini enze umsebenzi wakhe wesikole.
7
Ngokuhamba kwezinsuku uNomusa wacabanga, “Ugogo ngeke aze alibone leli su lami.”
-
UNomusa wayejabule kanjalo futhi emangele.
-
Izinkawu nezinyoni zazingangeni nhlobo emasimini ommbila.
8
Ngelinye ilanga ntambama ugogo kaNomusa waya emasimini ukuyokha ummbila omusha.
-
Kwakuthule kuthe cwaka emasimini futhi zingekho izinkawu nezinyoni.
-
“UNomusa wenza umsebenzi omuhle,” kucabanga ugogo.
9
Wamemeza ugogo, “Nomusa! Nomusa! Ukuphi?”
-
Phinde, akuphendulanga muntu.
-
Kusenjalo ugogo wabona isethusanyoni phakathi nensimu, sigqoke izingubo zikaNomusa!
10
Wathi angabona ugogo esebona ukuthi uNomusa wenzeni, waziqhenya ngomzukulu wakhe.
-
Wacabanga, “Iwukuhlakanipha lento. Umzukulu wami akudingi aye emasimini ukuyokwelusa izinkawu nezinyoni.”
11
Bonke abantu bakule ndawo balithanda isu likaNomusa. Bonke baqala ukusebenzisa izethusanyoni emasimini abo.
-
Izethusanyoni zazenza izinkawu nezinyoni kungasondeli emasimini.
-
Ngaleyo ndlela zonke izingane zendawo zazizoya esikoleni zingaphuthi.
12
Your attribution should include the following:
Title: Ubuhlakani bukaNomusa
Author/s: Zandile Malaza
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator