Abasizi bakaGogo uMapula abahlakaniphile
Lerato Tsotetsi
Magriet Brink
Ugogo uMapula ubuka inqwaba yamaklabishi akhe abekwe eduze komnyango wangaphambili endlini yakhe. Usebenze kanzima esivandeni sakhe.
-
Manje sekuyisikhathi sokuthi ayodayisa isivuno sakhe emakethe.
-
“Ngizodinga abantu abazongisiza ukubala nokupakisha la maklabishi,” kucabanga ugogo.
1
Esame khona lapho uGogo kwadlula uJabu, uDineo noDimpho. Wajabula kakhulu ukubabona.
-
“Wozani nizongisiza ngokupakisha la maklabishi kula mabhokisi,” kucela ugogo.
-
Wayazi ukuthi bayizingane ezihlakaniphile futhi ezithanda ukusiza abantu.
2
Baqala babonisana ngokuthi babezowapakisha kanjani amaklabishi.
-
“Asiwabale bese siwapakisha ngamabili,” kusho uDineo.
-
“Asiwabale siwapakishe ngamane,” kusho uJabu.
-
“Mina ngithi asiwabale bese siwapakisha ngamathathu,” kusho uDimpho.
3
Bagcina bevumelana ngokuthi ukuwabala ngamane yikhona okwakuzoshesha.
-
“Kungena amaklabishi ayishumi nambili ebhokisini ngalinye,” kusho uDineo.
-
“Kwakuhle lokho, futhi kuzoshesha!” kumoyizela uGogo. “Sekudingeka ukuthi uMnumzane Jonas awathathe awase emakethe.”
4
“Lizobiza malini iklabishi lilinye Gogo?” kubuza uDineo.
-
“Ngiyazi ukuthi ningakubala kalula lokho. Ibhokisi elilodwa libiza uR60,” kusho uGogo.
-
“Uma ibhokisi libiza uR60, libe linamaklabishi ayishumi nambili, kumele sehlukanise amashumi ayisithupha ngeshumi nambili,” kusho uDineo.
5
“Sengiyazi minai! kusho uJabu. “Iklabishi lilinye lizobiza uR5.”
-
“Nami ngiyavuma!” kuphendula uDimpho.
-
Abasizi bakaGogo baqala bawapakisha onke amaklabishi.
-
Wafika wajabula kakhulu uMnumzane Jonas ngoba wawungasekho umsebenzi omkhulu ayezowenza. “Ngizoqinisekisa ukuthi bawathenga wonke la maklabishi emakethe,” kusho uMnu Jonas.
6
Izingane zahlala zaphumula ngaphansi kwesihlahla esivandeni sikaGogo. Zabona into ayayifihlwe nguGogo ngaphansi kwephinifa lakhe.
-
“Yini le oyifihle ngaphansi kwephinifa Gogo?” kubuza uDineo.
-
“Engifuna ukunibonga ngakho ngomsebenzi omkhulu eniwenzile. Kuzodingeka ukuthi nikwabelane ngokulingana,” kusho uGogo.
7
Izingane zamemeza ngokujabula. UGogo uMapula wabanikeza ama-aphula amaningi futhi amnandi.
-
“Abukeka emnandi,” kusho uDineo ekhotha izindebe zakhe.
-
“Ngabe awethu wonke la ma-aphula?” kubuza uDimpho emangele.
-
“Kunjalo, kodwa khumbula ukuthi kufanele niwabelane ngokulingana!” kusho uGogo.
8
“Asiwabaleni,” uDimpho ubeka umbono.
-
Bawabala ngamabili.
-
“Kunamaqoqo ayisishiyagalombili ama-aphula abekwe ngamabili, ne-aphula elilodwa ngaphezulu, Esewonke ayishumi nesikhombisa,” kusho uDimpho.
-
“Kusho ukuthi kufanele sehlukaniselane ngokulingana thina sobathathu ama-aphula ayishumi nesikhombisa,” kubeka uJabu.
9
Babala ama-aphula ayisihlanu umuntu emunye, kwasala amabili ngaphezulu.
-
Badideka ukuthi babezowahlukanisa kanjani lawa asele.
-
“Kufanele siwasike abe ngohhafu,” kusho uDimpho.
-
“Kumele siwasike abe amakota,” kubeka uJabu.
10
“Kodwa ngeke thina sobathathu sikwazi ukwehlukaniselana ohhafu noma amakota,” kukhononda uDineo.
-
“Asiwanikezeni uGogo noMnu Jonas!” ubeka umbono.
-
“Yebo, ngoba uGogo nguyena owatshalile,” kuvuma uJabu.
-
“UMnu Jonas nguyena owahambise emakethe,” kwengeza uDimpho.
11
UMnu Jonas wabuya emakethe emva kokudayisa amaklabishi.
-
UDimpho wanikeza uGogo noMnu Jonas ama-aphula ayesele.
-
Abasizi bakaGogo abahlakaniphile baziqhenya kakhulu ngesenzo sabo sokusiza uGogo.
-
Basebenzisa ulwazi ababeluthole esikoleni ukusiza uGogo kanjalo nangokwabelana ngokulingana.
12
Your attribution should include the following:
Title: Abasizi bakaGogo uMapula abahlakaniphile
Author/s: Lerato Tsotetsi
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Magriet Brink
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator