Please view the book
in landscape mode.
UGcina Mhlophe oyigagu lokuxoxa izinganekwane
Eric Khorombi
Vusi Malindi
—
—
UNokugcina Mhlophe wazalwa ngonyaka ka 1958 esifundazweni saKwaZulu Natali. Wakhuliswa ugogo wakhe.
-
Ugogo wakhe wayemxoxela njalo izinganekwane ngesiZulu. Ziningi izindaba ugogo amxoxela zona kusukela esemncane.
1
Ugogo kaGcina wayexoxela umzukulu wakhe izindaba ngendlela yokuthi amenze akubone ngeso lengqondo konke okwenzeka endabeni.
-
UGcina wayethula alalelisise uma ugogo esexoxa indaba yakhe.
-
Kwathi angaba neminyaka eyishumi, umama wakhe wamthatha wayohlala eMpumalanga Kapa.
2
Lapho akhulela khona yayingekho imidlalo yokuzijabulisa kanye nomabonakude. Ngenxa yalokho wazibona esenothando lokufunda izincwadi.
-
Wabe eseqala ukubhala izindaba nezinkondlo ngolimi lwesiXhosa.
-
Khona lapho wayesebenza kanzima enza umsebenzi wakhe wesikole aphinde asize nasesontweni.
3
Ngelinye ilanga wamenywa umfundisi ukuthi abavakashele ekhaya.
-
Ngakusasa, bathi bangaqeda isidlo sasekuseni, umfundisi wacela ukuthi uGcina ahambe naye baye emhlanganweni owawusendaweni eyayiseduze nje.
-
Lo mhlangano wawuhlanganele emzini weNkosi.
4
Kwakuzoxoxwa ngodaba lokuyekela izinkomo zizichanasele zingene emasimini abantu ommbila.
-
Esethamele lowo mhlangano, uGcina wabona indoda eyayivunule kahle ngemvunulo yesintu enemibala emihle nekhangayo.
-
Le ndoda kwakuyimbongi. Imbongi umuntu ohaya izibongo zamakhosi nabantu abakhulu uma kuyimikhosi yesintu.
5
Okwamjabulisa kakhulu uGcina, ukubona ikhono lembongi nobuchule bayo bokusebenzisa ulimi. Umfundisi wamethula enkosini nakuyo imbongi.
-
Ngesikhathi imbongi ibamba isandla sakhe imxhawula, wazizwa naye eseyimbongi.
-
Kusukela ngaleso sikhathi uGcina wathatha isinqumo sokuba yimbongi.
6
Ngo-1979, uGcina wahamba wayohlala eGoli, lapho afike wasebenza khona emakhishini. Wayebheka izingane ezine ezazigange kakhulu.
-
Ngelinye ilanga, wacabanga ukuthulisa lezi zingane ngokuzixoxela inganekwane.
-
Inganekwane yayixoxa ngoNanabuhlele, inunu enkulu eyayinemibala eminingi ihlala emanzini.
7
Wayengazi noma izingane zazizozithanda yini izinganekwane zakhe zase-Afrika, kodwa emva kokulalela eyodwa zaqala ukumemeza zithi,
-
“Awusixoxele enye futhi!”
-
UGcina wabe eseqala umsebenzi wokubhala izinganekwane.
-
Wayezama ukukhuthaza izingane ukuba zithande ukulalela izinganekwane ezazixoxwa ogogo bazo.
8
Waqala ukubhala izincwadi zezingane, imidlalo nezindaba eziningi kanjalo nezinkondlo.
-
Enye yezindaba azibhala kuqala yayithi, ‘
My Dear Madam.’
-
Le ndaba ixoxa ngempilo yakhe esengumsebenzi wasekhishini.
-
Enye indaba yakhe eyavelela kulezo azibhala ngalesi sikhathi yayithi,
‘Love Child’
, nayo lena ixoxa ngempilo yakhe.
9
Inhloso kaGcina kwakungukukhuthaza abantu ukuthi baxoxe izindaba. Lo mcabango wakhe wamenza wasungula isikhungo
iZanendaba Institute
.
-
Igama elithi Zanendaba, igama lesiZulu elichaza ukuthi ‘woza uzosixoxela izindaba’ noma ‘ake ungixoxele indaba.’
-
Isikhungo
iZanendaba Institute
siqeqesha abantu abanothando lokuxoxa izinganekwane noma ukuzibhala.
10
Ngonyaka ka-2001, uGcina waqala umkhankaso wokubhala izincwadi zezingane obizwa ngeNozincwadi
Mother of Books Campaign
.
-
UGcina wayekhuthaza ukufunda ngokuxoxa izinganekwane nokubhala izincwadi zezingane.
-
Waqala ukuvakashela izindawo ezisemaphandleni eNingizimu Afrika yonkana ukuyofundisa abantu ngokubaluleka kokufunda izincwadi.
11
UGcina waphinde wadlala indawo yomlingisi omkhulu emdlalweni wasesiteji owazuza umklomelo nobizwa ngokuthi ‘
Have you seen Zandile?
’
-
Lo mdlalo uxoxa ngentombazanyana ehlala nogogo wayo eThekwini bese umama wayo eyithatha iyohlala emaphandleni aseMpumalanga-Kapa.
-
Lo mdlalo wawubhala eqonde ukuxoxa ngempilo yakhe.
12
Nakhu uNokugcina Mhlophe asitshela khona ngomsebenzi wakhe:
-
“Ngixoxa izindaba ngendlela yokuthi abantu bagqugquzeleke ukuxoxa ezabo izindaba, ngoba ngikholwa wukuthi noma yisiphi isidalwa esiphilayo sinendaba esinokuyixoxa.
-
Ngabe nawe unayo eyakho indaba ongasixoxela yona?”
13
—
—
Imibuzo
Ngubani uGcina Mhlophe?
Yini eyenza uGcina agcine esengumbhali nomhayi wezinkondlo?
Yini eyamenza waqala ukubhala izindaba?
Thola indaba ebhalwe nguGcina bese uyifunda ngokuphumisela.
Bhala indaba uxoxe nganoma yini eyake yakuvelela empilweni yakho.
14
—
—
Le ndaba yabhalwa ngolimi lwesiNgisi njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex, Ulwazi Lwethu ezibhalwe ngo-2021.
15
16
Your attribution should include the following:
Title
: UGcina Mhlophe oyigagu lokuxoxa izinganekwane
Author/s
: Eric Khorombi
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Vusi Malindi
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator