Please view the book
in landscape mode.
U-Asnath Mahapa undizela phezulu
Sara Lekganyane
Khanyisa Masemola
—
—
ULebo wenza inhlolovo nokaputeni u-Asnath Mahapa ulwenzela iphephabhuku lesikole sakhe.
-
Ujabule kakhulu ukuhlangana nowesifazane wokuqala onsundu ongumshayeli wezindiza eNingizimu Afrika.
-
“Sawubona, kaputeni Mahapa! Wamukelekile kule nhlolovo yethu,” kusho uLebo.
-
“Sawubona Lebo futhi ngiyabonga. Ngicela ungibize ngo-Asnath,” kusho u-Asnath.
1
“Ngicela ungitshele ngesikhathi lapho usemncane,” kusho uLebo.
-
U-Asnath uyaphendula, “Ngazalwa ngonyaka we-1979 esifundazweni saseLimpopo eNingizimu Afrika.
-
Ngakhulela endaweni eyayingenawo amanzi nogesi. Sasifunda sikhanyisa ngekhandlela.”
2
“Waqala nini ukuba nothando lwezindiza nokundiza?” kubuza uLebo.
-
“Ngaqala ukuthanda izindiza ngineminyaka eyishumi nantathu.
-
Ngesikhathi ngihlala ngaphakathi esikoleni ngaqala ukufunda amaphephabhuku axoxa ngokundiza.
-
Konke kwaqala kanjalo-ke,” kukhumbula u-Asnath.
3
“Lwakhula kanjani lolu thando lokundiza?” Kubuza uLebo, ebhala phansi.
-
“Ngangihlale ngizibuza ukuthi izindiza ezinkulu nezisindayo zihlala kanjani emoyeni zikwazi ukundiza,” kuphendula u-Asnath.
4
Umbuzo kaLebo olandelayo uthi, “Yiziphi izifundo okufanele uzifunde uma ufuna ukuba ngumshayeli wezindiza?”
-
U-Asnath wachaza ukuthi iziBalo neSayensi izifundo ezibulekile.
-
“Uphinde uhlale emoyeni amahora amaningi ufundela ukushayela futhi uzijwayeza ngaphambi kokuthi uthole ilayisense,” echaza.
5
ULebo wase ebuza ngemininingwane yokufundela ukuba ngumshayeli wezindiza.
-
U-Asnath uyaphendula, “Ukuba ngumshayeli wezindiza, kufanele wazi kahle izinombolo nokubala.
-
Ukufundela ubuNjiniyela kukufundisa ukuthi izindiza zisebenza kanjani. UbuNjiniyela bugxile kulwazi lweSayensi neziBalo.”
6
“Uyakwazi ukukhumbula usuku lwakho lokuqala ushayela indiza? Ngiyesaba ukundiza!” kusho uLebo.
-
U-Asnath waphendula wathi, “Ewu! Ikhanda lami lalizula futhi nginesiyezi. Kodwa angizange ngiphele amandla.
-
Manje, sengishayela ngiye kwamanye amazwe amaningi, ngifike ngifunde ngamasiko ahlukile.”
7
“Kufanele ukuba mnandi lokho!” kubabaza uLebo.
-
“Ungangitshela kabanzi ngokuthi izindiza zindiza kanjani?”
-
U-Asnath uyachaza, “Umoya ongena emaphikweni unikeza indiza amandla okuthi iphakame iye phezulu.
-
Amandla enjini wona enza indiza ikwazi ukuya phambili”
8
“Kuhlaba umxhwele kakhulu,” kusho uLebo. “Ngabe bukhona ubunzima owake wabhekana nabo ekubeni ngumshayeli wezindiza?”
-
“Yebo, buningi ubunzima engike ngahlangabezane nabo! Bangitshela ukuthi ngimfishane kakhulu. Nokuthi iziqu zami azikho eqophelweni elifanele.
-
Basho nokuthi umsebenzi wokushayela izindiza akuwona umsebenzi wabantu besifazane.”
9
ULebo uyabuza, “Wabe usuzixazulula kanjani lezo zinkinga?”
-
“Ngalwa ukuze umthetho omayelana nobude bomshayeli wezindiza ushintshe. Ngase ngibuyela esikoleni sokufundela ukushayela izindiza ngathola imiphumela emihle.
-
Ngangifuna ukukhombisa ukuthi abantu besifazane bangawenza lo msebenzi!” kuphendula u-Asnath.
10
ULebo uvuma ngekhanda lapho u-Asnath eqhubeka, “Ngafunda ukuthi uma uzimisele ngeke wehluleke.
-
Ngafunda ukungabalaleli abantu abathi angizukwazi. Nokuthi abantu besifazane bangenza noma yini abantu besilisa abakwazi ukuyenza.”
-
ULebo wathi, “Yiqiniso lokho!”
11
“Yini oziqhenya ngayo kakhulu?” kubuza uLebo.
-
“Ngangineminyaka engamashumi amabili kuphela ngesikhathi ngizuza iziqu zokuba ngumshayeli wezindiza wokuqala onsundu wesifazane lapha eNingizimu Afrika.
-
Ngaphinde ngaba yingxenye yohambo lokuqala ngendiza eyayinabasebenzi besifazane bodwa.
-
Nginothando lokukhuthaza amantombazane ukuba afunde iSayensi.”
12
ULebo uthi, “Ngeshwa, sesiphelelwe yisikhathi. Ngiyabonga ngenhlolovo yethu.
-
Uyasikhombisa ukuthi uma umuntu ezimisele futhi esebenza kanzima, angandizela phezulu!”
-
U-Asnath wamoyizela wathi, “Ngiyabonga Lebo. Bekuyintokozo ukukhuluma nawe!”
13
—
—
Imibuzo
Ngobani abantu ababili kule ndaba futhi bakhuluma ngani?
Kungani uLebo abe nale ngxoxiswano?
Yini eyayenza ukuthi u-Asnath afune ukuba ngumshayeli wezindiza.
Chaza ukuthi yini edingekayo ukuze ube umshayeli wendiza.
Zindiza kanjani izindiza?
Thola ukuthi wayengubani umshayeli wezindiza wokuqala wesifazane e-Afrika.
Ingabe uyakholelwa ukuthi ukhona umuntu ongandizela phezulu njengo-Asnath? Chaza.
U-Asnath wathanda izindiza lapho eneminyaka engu-13. Yini wena oyithandayo? Uzoyifinyelela kanjani kuyo?
14
—
—
Izincwadi ezikulolu chungechunge
U-Andile Mji
U-Asnath Mahapa
UBongani Mayosi
UCharlotte Maxeke
UMmantsane Moche Diale
UMulalo Doyoyo
UTebello Nyokong
UTshilidzi Marwala
15
—
—
Le ncwadi ibhalwe ngolimi lweSepedi, njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngonyaka wezi-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title
: U-Asnath Mahapa undizela phezulu
Author/s
: Sara Lekganyane
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Khanyisa Masemola
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator