Please view the book
in landscape mode.
Intokazi eyayithanda izinto eziphambili
Esther Maluleke
Catherine Groenewald
Umalume uRhulani benoSingita basendleleni baya ezitolo.
-
USingita ulokhu elunguza ngefasitela ebuka abantu abedlulayo.
1
Uyacabanga, “Uma sengimdala ngifuna ukufana naleya ntokazi enemiqhino emihle emide.”
2
“Leliya bhande layo elikhulu elibomvu lingahambisana nengubo yami ewolintshi,” kucabanga uSingita.
3
“Iphethe isikhwama esihle. Ingabe kukhonani kulesiya sikhwama sayo esincane?” kucabanga uSingita.
4
“Kufanele ukuthi kunzima ukuhamba usheshe uma ugqoke leziya zicathulo ezinde!” kucabanga uSingita.
5
Intokazi iyama ibuka izigqoko.
-
“Ngifisa sengathi angathenga lesiya sigqoko esihle esiphuzi esisefasiteleni,” kucabanga uSingita.
6
Kwathi uMalume uRhulani noSingita bedlula ngakuyona, yayizilungisa izinwele.
-
Isikhwama sayo saphunyuka saphuma ekhwapheni sawa.
7
Kwathi singakaweli phansi onqenqemeni lomgwaqo, yaphuthuma intokazi yasibamba!
8
Yamoyizela yodwa intokazi isho namacici ayo ayebenyezela ekukhanyeni.
9
USingita wamoyizela yedwa.
-
Yaqhubeka nokuhamba imoto, kancane kancane bayedlula intokazi eyayithanda izinto eziphambili.
10
Your attribution should include the following:
Title
: Intokazi eyayithanda izinto eziphambili
Author/s
: Esther Maluleke
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Catherine Groenewald
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator