Please view the book
in landscape mode.
Isigubhu sikaMagezi
Hlekane Paulinah Baloyi
Nceba Bhengu
UMagezi uyaqala ushaya isigubhu sakhe esinombala omnyama nomhlophe.
1
Izingane ziyamzungeza.
-
Zicula kanye nesigubhu.
2
Zicula zithi, “Kanti uMasingita ushade nobani? Ushade nomunye wabafowethu.”
3
Abesifazane nabo bayadansa badansela isigubhu.
4
Abesilisa bayazinyukunya bashona phansi bayavumbuka.
5
UMudungwazi ugunquzisa amehlo akhe bese enza umdanso wakhe ohlekisayo.
6
Amakhehla ashaya amakhwela anqekuzise amakhanda elandela umgqumo wesigubhu.
7
Izalukazi zitshikizisa izinqulu bese zikikiza.
-
Wonke umuntu uyasijabulela isigubhu sikaMagezi.
8
Your attribution should include the following:
Title
: Isigubhu sikaMagezi
Author/s
: Hlekane Paulinah Baloyi
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Nceba Bhengu
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator