Usuku lwamagugu
Ndivhuho Mutsila
Thulisile Shongwe


Usuku lwamagugu luyiholide elimhla zingama- 24 kuMandulo.
-
Lencwadi ixoxa ngalolu suku. Uzokwazi kabanzi ngalo nokuthi kungani luwusuku olubalulekile eNingizimu Afrika.
1
Bonke abantu banemvelaphi yabo. Imvelaphi yethu iyingxenye yamagugu ethu.
-
Abantu base Ningizimu Afrika bakhumbula imvelaphi yabo ngokuthi bahlangane ngalolu suku njengemindeni, imiphakathi noma isizwe sonkana.
-
INingizimu Afrika inezinhlanga ezahlukene futhi sabelana ngamasiko.
2
Wonke umuntu eNingizimu Afrika unesiko aziqhenya ngalo.
-
Isiko laseNingizimu Afrika ligqamile futhi lihle.
-
Izinhlanga zethu zinokudla okwehlukile kanjalo nokuphuzwayo, imvunulo, amaculo kanye nomdanso.
3
Amasiko ethu ahlukene ahambisana nezinkolo ezahlukene, izinkolelo kanye nokwehlukana ngezizwe.
-
Abantu baseNingizimu Afrika bakhuluma izilimi ezahlukene. Ziyishumi nanye izilimi ezisemthethweni kuleli.
4
Usuku lwamagugu ngezilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika:
-
Ilanga lamaGugu (isiNdebele)
-
Usuku lwezaMafa (isiXhosa)
-
Usuku lwamagugu (isiZulu)
-
Letšatši la Bohwa (Sepedi)
-
Letsatsi la Botjhaba (Sesotho)
-
Letsatsi la Ngwaoboswa (Setswana)
-
Lilanga Lemagugu (Siswati)
-
Ḓuvha ḽa Vhufa (Tshivenḓa)
-
Siku ra Ndzhaka (Xitsonga)
-
Erfenisdag (Afrikaans)
-
Heritage Day (English)
5
Ngesikhathi sobandlulo usuku lwamagugu lwalubizwa ngokuthi usuku lukaShaka okwakukhunjulwa ngalo inkosi yamaZulu uShaka.
-
Emva kobandlululo, iphalamende lashintsha usuku lukaShaka lwaselubizwa ngosuku lwamagugu. Balwenza lwaba usuku oluzogujwa yibo bonke abantu eNingizimu Afrika.
-
Sigubha ukwehluka kwethu nokwabelana ngamagugu ezwe lethu.
6
Umthetho sisekelo waseNingizimu Afrika unemithetho ebalulekile esiholayo. Uqukethe imithetho exhasa nevikela amalungelo ethu.
-
Umthetho sisekelo uthi sonke siyalingana.
-
Akekho umuntu ongaphezu komunye!
7
Umthetho sikelo uthi abantu abangacwasani.
-
Kumele sihloniphane.
-
Wonke umuntu unamalungelo afanayo. Wonke umuntu unelungelo lolimi lwakhe, inkolo namasiko akhe.
8
Ngosuku lwamagugu abantu baseNingizimu Afrika bathanda ukucula amaculo omdabu nokudansa imidanso yendabuko.
-
Bathanda nokupheka ukudla kwesintu.
-
Abanye bahlonipha amadlozi abo ngokuwathetha bawabonge.
-
Abanye bavakashela amangcwaba okhokho babo.
9
Abantu bagqoka imvunulo emibalabala. Bagqoka iminwenda, iseshoeshoe, iswibhelane nenye imvunulo eningi.
-
Uma abantu baseNingizimu Afrika begubha usuku lwamagugu, bagubha nezimpawu zezwe.
-
Izimpawu zezwe yizilwane nezitshalo eziyingxenye yamagugu ethu.
10
Nazi Izimpawu zezwe laseNingizimu Afrika:
-
Inyamazane yisilwane sesizwe.
-
Isithwalandwe yinyoni yesizwe.
-
Umkhoba yisihlahla sesizwe.
-
Isiqalaba yimbali yesizwe.
-
IGaljoen yinhlanzi yesizwe.
11
Izikole zigubha usuku lwamagugu ngaphambi kokuba lifike leli holide.
-
Izingane zifaka imvunulo yazo bese zitshela ezinye ngemvelaphi yazo.
-
Zabelana ngokudla kwesintu okwehlukile bese zifundisana nemidanso ehlukene yomdabu.
12
Umgubho wamagugu aseNingizimu Afrika kumele uhlanganise i-Afrika yonke.
-
Izingane zase-Afrika eziziqhenyayo zithi:
-
NginguNamunya. Ngigqoke ishuka.
-
Ngingu-Adilah. Ngigqoke ikaftan.
-
Ngingu-Isoka. Ngigqoke igele.
-
NginguSipho. Ngigqoke ibheshu.
13

Imibuzo


  1. Lunini usuku lwamagugu futhi kungani silugubha?
  2. Chaza izimpawu zesizwe ezine zaseNingizimu Afrika.
  3. Bhala amagama o ‘suku lwamagugu’ ngezinye izilimi ezimbili ngaphandle kwalolu olukhulumayo.
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • Usuku lwenkululeko
  • Usuku lwamagugu
  • Usuku lwamalungelo abantu
  • Usuku lokubuyisana
  • Usuku lwabesifazane
  • Usuku lwabasebenzi
  • Usuku lwentsha

15


Lendaba ibhalwe ngolimi lwe Tshivenḓa nje ngenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: Usuku lwamagugu
Author/s: Ndivhuho Mutsila
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Thulisile Shongwe
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator