UMmakgabo Helen Sebidi nobuciko bakhe bokudweba
Refilwe Ramagoshi
Vusi Malindi


Le ndaba ixoxa ngomdwebi wakuleli laseNingizimu Afrika odume umhlaba wonke.
-
Uma ufuna ukwazi ngomsebenzi wobuciko bokudweba kufanele ufunde ngoMmakgabo Helen Sebidi.
-
Indaba yakhe iqala mhla ezalwa ngonyaka ka-1943 endaweni yaseMarapyane kusifundazwe saseMpumalanga.
1
Ngesikhathi esakhula uMmakgabo, ugogo wakhe wamfundisa imisebenzi eminingi.
-
Wafunda ukudweba imifaneso ezindongeni zodaka nokudweba imifanekiso phansi ngobulongwe bezinkomo. Wafunda nokubumba izinkamba nokwenza imisebenzi yobuhlalu.
2
Ugogo uMetato waphinde wafundisa uMmakgabo ukunitha, ukuthunga nokufensa izindwangu.
-
UMmakgabo wayezalelwe emndenini ompofu, ngakho-ke kwadingeka ukuthi ayofuna umsebenzi eseneminyaka eyishumi nesithupha.
-
Wahamba waya eGoli wafike waqala khona ukusebenza emakhishini.
3
Ngelinye ilanga uMmakgabo wazizwa efikelwa uthando lomsebenzi wobuciko bokudweba owawudwetshwe umqashi wakhe. Umqashi wabe esemthengela opende ukupenda izithombe ezidwetshiwe.
-
Waqhubeka nokwakha eyakhe imisebenzi.
-
Umqashi wakhe wamangala ukubona isiphiwo ayenaso wase emgqugquzela ukuthi enze izifundo zomsebenzi wokudweba izithombe.
4
UMmakgabo wabona ukuthi udinga ukuzihlalela phansi izifundo zakhe.
-
Waqala ukufunda endaweni yokufundela ukudweba ebizwa ngeWhite Studio eyayiseSophiatown.
-
Uthisha wakhe kwakunguKeonakeefe Mohl naye owangumdwebi. Nguyena owayefundisa uMmakgabo futhi emelekelela.
5
UMmakgabo wayethanda ukudweba izinto wayezibona lapho akhulela khona eMarapyane.
-
Wayedweba amakhosikazi aphuma ekusokweni noma ekulimeni emasimini.
-
Wayedweba izithombe azisusela empilweni ejwayelekile azenze zibukeke sengathi ziyinto ephilayo.
6
UMmakgabo wahlangana noBill Ainslie naye owayengumdwebi. Wamkhuthaza ukuthi adwebe izithombe ezinto angakaze azibone.
-
Lokhu kwakwehlukile ekudwebeni izinto wayezibona endaweni akhulela kuyona.
-
Wasebenza kanzima efunda ukudweba nokupenda izithombe.
7
UMmakgabo wafundisa izingane ukudweba esikhungweni semisebenzi yezandla iKatlegong Art Centre.
-
Waqeqesha abadwebi abaningi ngesikhathi yena eqhubeka nkuthuthukisa ikhono lakhe lokudweba nokusebenzisa izinto ezihlukene.
-
Wayedayisa imisebenzi yakhe ngokuyikhangisa ihlangene neyabanye abadwebi.
8
Imisebenzi kaMmakgabo iveza ubunzima bempilo emalokishini aseNingizimu Afrika nasezindaweni ezisemaphandleni.
-
Imisebenzi yakhe ithinta izimo zenhlalakahle nezepolitiki.
-
Ngesikhathi sobandlululo imisebenzi yakhe yayiveza ukuhlupheka kwabantu abaNsundu.
-
Esinye sezithombe zakhe ezidume kakhulu yileso esibizwa ngokuthi I’Tears of Africa’ wasidweba ngo 1988.
9
Ngonyaka ka 1986 uMmakgabo waqala ukukhangisa imisebenzi yakhe eyedwa.
-
Waba ngowokuqala wesifazane ukukhangisa umsebenzi wakhe eyedwa eNingizimu Afrika.
-
Lokhu kukhangisa kwaba impumelelo enkulu. Kwakubizwa ngokuthi ‘amaqiniso angabonwa ngamehlo’. Waduma kakhulu ngalesi sitayela sakhe sokudweba.
10
Wazuza umfundaze obizwa ngeFullbright Scholarship ukuyoqhuba izifundo zakhe eMelika.
-
Lo mfundaze wamsiza ngokuthi agxile emsebenzini wakhe wobuciko futhi azithuthukise.
-
Imisebenzi yakhe yakhangisa eYurophu, naseMelika.
11
Imisebenzi kaMmakgabo edwetshiwe nependiwe kukhangiswe ngayo ezindaweni zokukhangisa imisebenzi yobuciko emhlabeni wonke jikelele.
-
Ungumdwebi ohlonishwayo futhi olalelwayo.
-
Ngenxa yemisebenzini yakhe yobuciko bokudweba, uMmakgabo wazuza indondo kaMongameli iKhamanga ngonyaka ka-1994.
12
Waqinisekisa ukuthi ungaba yinoma yini othanda ukuba yiyona.
-
Ukulalela ugogo wakhe kwamsiza ekutheni aphumelele.
-
UMmakgabo wathi, “Ugogo owaphila waze waba neminyaka eyi-115, nguyena owangifundisa konke lokhu engikwaziyo namhlanje.”
13

Imibuzo


  1. Yini ugogo kaMmakgabo amfundisa yona?
  2. Waqala kanjani uMmakgabo ukudweba izithombe?
  3. Ucabanga ukuthi yini eyayenza aphumelele emsebenzini wakhe wokudweba?
  4. Ngabe yini oyithandayo ngoMama Sebidi?
  5. Dweba noma upende isithombe sento ebalulekile kuwe noma umuntu.
14


Le ndaba yabhalwa ngolimi lweTshivenda njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ezabhalwa ngo-2021.
15
Your attribution should include the following:
Title: UMmakgabo Helen Sebidi nobuciko bakhe bokudweba
Author/s: Refilwe Ramagoshi
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Vusi Malindi
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator