Please view the book
in landscape mode.
USuku lwaBasebenzi
Eric Khorombi
Fezile Twala
—
—
-
Lapha eNingizimu Afrika uSuku lwaBasebenzi mhla lu-1 kuNhlaba luyiholide.
-
Le ndaba ixoxa ngomlando waleli holide nokuthi kungani lolu suku lubalulekile.
1
“Kusasa yiholide, angizukuya esikoleni!” kusho uMulweli kubaba wakhe.
-
“Nami angisebenzi kusasa,” kuphendula ubaba.
-
“Baba yini oyenza ngoSuku lwaBasebenzi?”
2
“Kulungile-ke Mulweli, ake ngikutshele ngosuku lwabasebenzi lomhlaba wonke,” kusho ubaba.
-
“Kwaqala ngesikhathi abasebenzi belwela ukusebenza amahora ayishiyagalombili ngosuku. Babengafuni ukusebenza amahora angaphezu kwayishiyagalombili ngosuku.”
3
“Kanti babesebenza amahora amangaki?” kubuza uMulweli.
-
“Imvamisa babesebenza amahora ayishumi noma ayishumi nanye ngosuku,” kuphendula ubaba.
-
“Ngomhla lulunye kuMeyi ngonyaka we-1886, abasebenzi baseMelika bateleka befuna amahora abo okusebenza ancishiswe basebenze amahora ayisishiyagalombili ngosuku.”
4
“Kulesi siteleka, kukhona owaphonsa ibhomu emaphoyiseni.”
-
“Kwenzakalani emva kwalokho?” kubuza uMulweli.
-
“Kwaboshwa abasebenzi abane babekwa icala lokuphonsa ibhomu. Batholakala benecala, bagwetshwa babulawa,” kuphendula ubaba ekhuluma ngokunensa.
5
“Abasebenzi bomhlaba wonke babhikishela ukubulawa kwala basebenzi abane. Bonke abasebenzi bahlangana bayimbumba.
-
Kusukela ngalelo langa, usuku lomhla lulunye kuMeyi kwaba wusuku abasebenzi abalwela ngalo izimo zokusebenza ezingcono,” kusho ubaba.
6
Abanye lolu suku balubiza nge-
May Day
. Lolu suku lumele amalungelo abo bonke abasebenzi kanjalo nobumbano lwabo. Luyiholide emazweni amaningi,” kuchaza ubaba.
7
“Lapha eNingizimu Afrika sigubha lolu suku sihlanganyela nezigidi zabasenzi emhlabeni wonke. Kuhlangana ndawonye izinkulungwane zabantu kuhlelwe namamashi.”
-
“Ngabe lolu suku lwaluvele luyiholide eNingizimu Afrika kusukela ngonyaka we-1886?” kubuza uMulweli.
8
“Lutho!” kuhleka ubaba. “Umbuso wobandlululo wawungafuni sigubhe lolu suku.
-
Izinyunyana kodwa zatshela uhulumeni ukuthi:
i-May Day
ngeyethu. Umhla lulunye kuMeyi ngowethu!”
9
“Ukubhikisha kwabasebenzi kwasiza ekulweni nobandlululo. Izinyunyana zethu zabamba iqhaza elikhulu ekulweleni amalungelo abantu,” kuchaza ubaba.
-
“Ungaqagela ukuthi umhla lulunye kuMeyi waqala nini ukuba yiholide elisemthethweni kuleli zwe?”
10
“Cishe kwaba ngemumva kombuso wobandlululo? Lapho iNingizimu Afrika isiyizwe lombuso wentando yeningi,” kuphendula uMulweli.
-
Ubaba wakhe wavuma ngekhanda, “Ushaye khona. Nakuba singaphansi kombuso wentando yeningi, iningi labasebenzi kusadingeka lilwele izimo zokusebenza ezingcono kanjalo namaholo angcono.”
11
“Okwamanje siphela lapho isifundo sami somlando. Kumele ngilungiselele ikusasa. Inyunyana yethu ihlele ingqungquthela enkulu yombuthano nalapho kobe kukhuluma khona izikhulumi zezepolitiki,” kusho ubaba.
-
“Nawe kufanele uqede umsebenzi wakho wasekhaya wesikole lungakafiki usuku lwakusasa.”
12
“Kulungile baba. Manje sengiyaqonda ukuthi kungani umhla lulunye kuMeyi uwusuku olubaluleke kangaka kuwe nakwabanye abasebenzi. Okwamanje, okwami ukubhekana nomsebenzi wesikole,” kusho uMulweli emamatheka.
13
—
—
Imibuzo
Kungani Usuku lwabasebenzi lugujwa esikhathini samanje?
Balugubha kanjani lolu suku abasebenzi?
Khuthaza abafundi ukuba babuze abasebenzi emiphakathini abahlala kuyo ngemisebenzi yabo.
Thola ukuthi izinyunyana zabasebenzi zenzani.
Chaza ukuthi zisho ukuthini ‘izimo zokusebenza ezinobulungiswa’.
Ucabanga ukuthi kuyini 'ukusebenza ngempoqo'?
Yimiphi imisebenzi oyenzayo ekhaya?
Yimuphi umsebenzi abantu abangakhohlwa ukuwubungaza?
14
—
—
Izincwadi ezikulolu chungechunge
USuku lweNkululeko
USuku lwamaGugu
USuku lwamaLungelo Abantu
USuku lokuBuyisana
USuku lwaBesifazane
USuku lwaBasebenzi
USuku lweNtsha
15
—
—
Lendaba yabhalwa ngolimi lweTshivenda njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngonyaka wezi-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title
: USuku lwaBasebenzi
Author/s
: Eric Khorombi
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Fezile Twala
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator