Please view the book
in landscape mode.
Usuku lwenkululeko
Connie Makgabo
Sibusiso Khumalo
—
—
Lapha eNingizimu Afrika usuku lweNkululeko zingama-27 kuMbasa luyiholide.
-
Le ndaba ixoxa ngalo lolu suku.
-
Uzofunda ngomlando walo nokuthi kungani lubalulekile.
1
Ngonyaka ka-1994 mhla zingamashumi amabili nesikhombisa kuMbasa iNingizimu Afrika yathola inkululeko.
-
Abantu abansundu bavota okokuqala okwethweni lwentando yeningi.
-
Sagubha ukuphela kobandlululo nokuqala kombuso wentando yeningi.
2
Umbuso wentando yeningi uhlelo oluvumela noma ngubani onobudala obufanele ukuvota.
-
Abantu bavota okhethweni ukuze bakhethe abaholi kanye nohulumeni.
-
Ngesikhathi sobandlululo, uhulumeni waseNingizimu Afrika wayengabavumeli abantu abansundu ukuba bavote.
3
Amaqhawe amaningi ayelwa nobandlululo alwa nalo hulumeni.
-
UNelson Mandela nguyena oyiqhawe elaziwayo elalwela inkululeko. Walwela amalungelo alinganayo kuwo wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
-
Ngenxa yokulwela amalungelo abantu umbuso wobandlululo wamvalela ejele iminyaka engamashumi amabili nesikhombisa.
4
Mhla zingamashumi amabili nesikhombisa kuMbasa ngonyaka ka-1994, abantu baseNingizimu Afrika babemi emigqeni okukoqala kuzo zonke izikhungo zokuvota ezweni lonke.
-
Isikhungo sokuvota yindawo lapho abantu bevota khona.
-
Uma sivota sikhetha abantu esifuna babe abaholi bombuso.
5
Bonke abantu babekujabulele ukuvota okokuqala bevotela uhulumeni wentando yeningi.
-
Imigqa yayilokhu yeluleka nje.
-
Ilanga laliqhubeka nokushisa.
-
Kodwa bonke abantu babejabule ngoba babezizwa bekhululekile.
6
UNelson Mandela wayejabula kakhulu uma ekhumbula lolu suku.
-
Wayengakhohlwa abantu bemi imigqa emide ezitaladini.
-
Wayekhumbula abantu abaningi belinde ukuvota okokuqala ngqa okhethweni olukhululekile.
-
Wayehlale njalo elukhumbula lolu suku.
7
Wonke umuntu waseNingizimu Afrika oneminyaka eyi-18 nangaphezulu wayevumelekile ukuvota.
-
Ezweni lonke, sasimi emigqeni ngesineke silinde ukungena ezikhungweni zokuvota.
-
Sama kwaze kwahlwa silindele ukuthi wonke umuntu osemgqeni avote.
8
Zathi zingavalwa izikhungo zokuvota kwase kuqala ukubalwa kwamavoti.
-
Kwase kuyisikhathi sokuthola ukuthi abantu bafuna iNingizimu Afrika iholwe ngubani.
-
Kwavota abantu abalinganiselwa kuzigidi ezingamashumi amabili bevotela uhulumeni omusha.
9
Iqembu elathola amavoti amaningi kwaba i-ANC.
-
Iyona eyanqoba ukhetho lokuqala lwentando yeningi ihamba phambili.
-
UNelson Mandela owaye ngumholi we-ANC waba nguMongameli wokuqala wombuso wentando yeningi eNingizimu Afrika.
10
Uhulumeni omusha wamisa lolu suku lomhla zingamashumimamabili nesikhombisa kuMbasa lwaba yiholide ukuze abantu baseNingizimu Afrika balukhumbule minyaka yonke.
-
Sikhumbula ukuzuza umbuso wentando yeningi nemithetho emisha.
-
Lolu suku silugubha ngokubuthana ezinkundleni zemidlalo emicimbini ekhethekile. Silugubha ngomculo, izinkondlo nezinkulumo.
11
Siphinde sihloniphe namaqhawe ethu alwela inkululeko.
-
Sigubhe nokuqedwa kobandllulo nokuthi wonke umuntu unelungelo lokuvota.
-
Sithembisa ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyalingana futhi ukhululekile. Lowo ngumbuso wentando yabantu.
12
Ukhetho eNingizimu Afrika luhlelwa yinhlangano ezimele i-Independent Electoral Commission (IEC).
-
Le nhlangano iyona eqinisekisa ukuthi ukhetho “lukhulekile futhi luhamba ngendlela eyiyo.” Ngabe ucabanga ukuthi kusho ukuthini lokho?
-
Funda kabanzi nge-Independent Electoral Commission (ungafunda okuningi ngabo kuyi website yabo).
13
—
—
Imibuzo
Kwenzekani eNingizimu Afrika mhla zingamashumi amabili nesikhombisa kuMbasa ngonyaka ka-1994?
Ngubani ovumeleke ukuvota embusweni wentando yeningi?
Kungani umhla zingamashumi amabili nesikhombisa kuMbasa uwusuku oluyiholide?
Yini umbuso wentando yeningi?
Ngubani umongameli wokuqala wombuso wentando yeningi eNingizimu Afrika?
14
—
—
Izincwadi ezikulolu chungechunge
Usuku lwenkululeko
Usuku lwamagugu
Usuku lwamalungelo abantu
Usuku lokubuyisana
Usuku lwabesifazane
Usuku lwabasebenzi
Usuku lwentsha
15
—
—
Le ncwadi ibhalwe ngolimi lweSepedi nje ngenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title
: Usuku lwenkululeko
Author/s
: Connie Makgabo
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Sibusiso Khumalo
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator