Usuku lwabesifazane
Thelma Mhlari
Khanyisa Masemola


Lapha eNingizimu Afrika, usuku lomhla ziyi- 9 ku-Agasti luyiholide. Lolu wusuku lwabesifazane ezweni lonke.
-
Le ndaba ixoxa ngomlando walolu suku nokuthi kungani lusabalulekile nanamhlanje.
1
ULerato noKhanyisa baya kumtapo wolwazi wangakubo emva kokuphuma kwesikole. Bayokwenza umsebenzi wabo wasekhaya wesikole.
-
“Wenzani namuhla?” kubuza uKhanyisa.
-
ULerato uyaphendula, “Kumele ngithole kabanzi ngosuku lwabesifazane. Ngicabanga ukuthi kuzoba ngeminye yemilando engakuniki umdlandla.”
2
“Usho kanje? Mina angiboni kanjalo!” kusho uKhanyisa.
-
Waqhubeka, “Uthisha wethu wasinika lo msebenzi ngethemu edlule. Nami ngangicabanga ukuthi awukunikezi mdlandla. Kodwa yithi ngikutshele ukuthi ngafundani ngosuku lwabesifazane.”
-
“Ngilalele,” kuphendula uLerato.
3
“Kudala ngeminyaka yawo-1950 ngesikhathi lapha eNingizimu Afrika kuqala uhulumeni wobandlululo,” kuqala uKhanyisa.
-
“Uhulumeni wobandlululo wawufuna bonke abantu abansundu bahlale bephethe udompasi ngaso sonke isikhathi. Lo hulumeni owawuzophatha leli zwe wawuvele usuluqalile uhlelo lodompasi. Abantu abansundu babengakwazi ukuzihambela ngokukhululeka.”
4
“Kusukela kudala ngo-1912, abantu besifazane babevele sebeqalile ukubhikishela uhlelo lodompasi lapha eNingizimu Afrika.
-
Ngo-1913, iqembu labesifazane, elaliholwa nguCharlotte Maxeke, lashisa odompasi phambi kwamahhovisi kamasipala. Balwa namaphoyisa!”
5
“Kusuka kuhulumeni wababezophatha izwe kuya kuhulumeni wobandlululo isimo sashintsha saba sibi kakhulu.” kusho uKhanyisa.
-
“Usungaqhubekela kulokho okwenzeka mhla ziyisishiyagalolunye ku-Agasti ngonyaka ka-1956?” kusho uLerato ngesikhathi befika kumtapo wolwazi.
-
“Kumele ubonge ulwazi lwami lomlando!” kusho uKhanyisa.
6
Lapha kumtapo wolwazi bahlala etafuleni elisekhoneni. UKhanyisa waqhubeka ehlebeza.
-
“Ngeminyaka yawo-1950, imithetho yobandlululo yenza kube nzima kakhulu ukuphila kwabantu abansundu.
-
Impilo yayinzima kakhulu kubantu besifazane. Base beqala ukubhikisha!” kusho uKhanyisa ekhulumela phezulu.
7
“Ngonyaka ka-1956, abantu besifazane base Ningizimu Afrika bahlela imashi enkulu eyayilwa nemithetho emisha yokuphathwa kodompasi ababenzelwe abesifazane.
-
Lemashi yayizoba mhla ziyisishiyagalolunye ku-Agasti. Abesifazane abansundu nabamhlophe abaphuma ezweni lonke babuthana ePitoli kule mashi eyayilibhekise ezakhiweni zikahulumeni i-Union Buildings.”
8
“Kwakuwusuku oluhle! Abesifazane abalinganiselwa ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili bahlanganyela kule mashi. Ababeyihola kwaku ngoLillian Ngoyi, uRahima Moosa noBertha Gxowa.
-
Wonke umuntu wayezimisele futhi emasha ngenhlonipho. Babehambise izinkulungwane zamaphethishini kuhulumeni. Lamaphethishini ayephikisana nomthetho wodompasi.”
9
“Manje, kwase kwenzekani emva kwalokho?” kubuza uLerato. “Bama balinda undunankulu. Balinda buthule kwaze kwaphela imizuzu engamashumi amathathu, belindile.
-
Abesifazane abayizinkulungwane ezingamashumi amabili, yayinamandla leyo mashi! Undunankulu akazange aphume ukuzohlangana nabo,” kuphendula uKhanyisa.
-
“Igwala!” kuhlebeza uLerato
10
“Abesifazane bavele baqala ukucula,” kusho uKhanyisa.
-
“Ngokuhlangana babe yimbumba, abesifazane babazi ukuthi izwi labo lizoba namandla kanjalo nokuma kwabo bethule bengasho lutho,” kuchaza uKhanyisa.
-
“Bacula, ‘Wathinta abafazi, wathint' imbokodo, uzakufa!’” “Uma ushaya owesifazane, ushaya itshe, uzogxobeka!”
11
“Le mashi yabesifazane ingumbhikisho ongasoze ukhohlakale kumlando wethu. Emva kokubusa kukahulumeni wentando yeningi, usuku lomhla ziysishiyagalolunye ku-Agasti lwamiswa lwaba yiholide, usuku esihlonipha ngalo abantu besifazane siphinde sigubhe nokubaluleka kweqhaza abalibambile emiphakathini.
-
Kumele sikujabulele ukuthi abesifazane sebenamalungelo amaningi manje kunakuqala,” kuphetha uKhanyisa.
12
ULerato wathi, “Hhayi, kufanele ngabe waphasa ngamalengiso kulo msebenzi!”
-
“Yebo, ngakhuthazwa ukwazi ngabesifazane abaningi abanegalelo elinamandla emlandweni wethu. Isibindi sabo nalokho abakuzuzayo kuyakhuthaza!” kuphendula uKhanyisa.
-
Waqhubeka wathi, “Lerato, mina nawe singaba abesifazane abafana nalaba ngesikhathi esizayo!”
13

Imibuzo


  1. Kungani abesifazane babebhikisha ngo 1956?
  2. Babebhikisha kanjani?
  3. Ngobani ababehola le mashi?
  4. Thola kabanzi ngomunye walaba besifazane?
  5. Uyini umsebenzi wabesifazane emphakathini? Uyini umsebenzi wabesilisa? Chaza ukuthi kungani ucabanga kanjalo.
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • Usuku lwenkululeko
  • Usuku lwamagugu
  • Usuku lwamalungelo abantu
  • Usuku lokubuyisana
  • Usuku lwabesifazane
  • Usuku lwabasebenzi
  • Usuku lwentsha
15


Le ndaba ibhalwe njengenye yensiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: Usuku lwabesifazane
Author/s: Thelma Mhlari
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator