Indlovukazi eyayihlakaniphile
Tshedza Tlhako
Busisiwe Ndlovu
Indlovukazi uLufuno wayebusa izwe laseRoswika.
-
Wayengumholi omuhle, ohlakaniphe kakhulu futhi elungile.
1
Wayephethe bonke abantu baseRoswika ngaphandle kokubandlulula.
-
Nabo abantu babeyithanda kakhulu.
-
UMaluta wayengomunye wabeluleki abathembekile bakandlovukazi uLufuno.
2
Umyeni kaMaluta, uTshidino wayengakuthandi ukulunga kwendlovukazi uLufuno. Wayengathandi indlela abantu ababemncoma ngayo.
-
Wayethi, “Yini anayo uLufuno mina engingenayo? Ngingababusa kangcono mina abantu kunaye.
3
Ngelinye ilanga, indlovukazi uLufuno noMaluta babexoxa ngendlela engcono yokwabela abantu amanzi.
-
Babelokhu bephikisana bengangavumelani.
4
Kwamcasula kakhulu lokhu uMaluta. Wathi angafika ekhaya, waqonda kumyeni wakhe.
-
“Mina nendlovukazi uLufuno besiphikisana ngendaba yokwabela abantu amanzi,” Washo ngosizi.
5
UTshidino wacabanga, “Ngingenza kangcono kunoLufuno uma ngingase ngibe yinkosi.”
-
Wagqugquzela umkakhe ukuthi angezwani nendlovukazi.
6
Ngosuku olulandelayo, uTshidino waqoqa abantu bendawo wababizela emhlanganweni.
-
Wathi kubo, “Ngeke sabuswa umuntu wesifazane. Mina ngingaba yinkosi engcono kunaye.”
7
Abantu ababeqoqene bawacabanga amazwi kaTshidino.
-
Babengavumelani naye.
8
Omunye wathi, “Indlovukazi iyasicabangela. Seyakhe izikole yakhela izingane zethu.”
-
Omunye wathi, “Sinamasimu okulima, futhi iqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyawathola amanzi.”
9
Kwasuka owesithathu umuntu wathi, “Kade sasibuswa ngabantu abahlukene. Angikaze ngiyibone inkosi ehlakaniphe njengendlovukazi uLufuno. Amakhosi avela kwezinye zindawo eza kuye ukuzocela iziyalo.”
10
Wathi angezwa lokhu uTshidino, wahamba waya ekhaya ethukuthele.
-
UMaluta wathi kuye, “Abantu baseRoswika sebekhulumile. Kufanele uzemukele izifiso zabantu.”
11
Yathi ingezwa lokhu indlovukazi, yamamatheka.
-
Ayizange imjezise uTshidino ngoba yayazi ukuthi inqobile.
-
Uma abantu behlezi ngokuthula, beyibona impumelelo futhi bejabule, bayobemukela abaholi babo.
12
Your attribution should include the following:
Title: Indlovukazi eyayihlakaniphile
Author/s: Tshedza Tlhako
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Busisiwe Ndlovu
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator