U-Andile Mji nothando lwakhe lwezibalo
Glanice Masilo
Kamogelo Matlawe


U-Andile Mji unguchwepheshe weZibalo.
-
Lena yindaba exoxa ngo-Andile esengumfana omncane, nokuthi waqala kanjani ukuthanda izinombolo.
1
U-Andile wazelelwa eBhayi, eMpumalanga-Kapa.
-
Wayehlala nabazali bakhe endaweni yaseNew Brighton.
-
Eduze nalapho ababehlala khona kwakunesigodi esibizwa ngokuthi iTyeni nalapho kwakuhlala khona umkhulu wakhe.
2
U-Andile wayethanda ukuvakashela umkhulu wakhe owayefuye izinkomo.
-
Umkhulu wayethanda ukumbuza ukuthi, “Zingaki izinkomo ezingamaduna futhi zingaki eziyizinsikazi?
-
Zingaki izinkomo ezisesibayeni zizonke?”
-
U-Andile wafunda ukubala ufike eshumini ngeminwe. Wayeqhubeka afike emashumini amabili esebenzisa nezinzwane! Waqhubeka waze wafunda ukubala ngakuhlanu.
3
Ekuseni ngovivi kwakuthi kungakhala iqhude ngehora lesihlanu bavuke.
-
Babevuka balungisele ukusenga.
-
Emva kwalokho babeqhuba izinkomo bazise emadlelweni entabeni.
-
Babesebenzisa ilanga ukufunda isikhathi.
4
Ngesikhathi sasemini ngehora leshumi nambili, umkhulu wayembiza azodla.
-
Wabe azi ukuthi sekuyisikhathi sokubuyela ekhaya uma sekushona ilanga.
-
Wayefika ekhaya abale izinkomo ukuqinisekisa ukuthi zonke zibuyile emadlelweni.
5
Kwathi lapho u-Andile eseqala isikole, ubaba wakhe wamthengela iwashi.
-
Wayesebenzisa iwashi lakhe ukubala ngakubili, ngakuthathu nangakune.
-
Iwashi lakhe lalinezinombolo eziqala kokukodwa kuya kokuyishumi nambili.
-
U-Andile wayekwazi ukufunda izinti zewashi ukuthola ukuthi sekuyiliphi ihora, ligamenxe ihora noma imizuzu phakathi kwamahora.
6
Wayekwazi nokubala izinombolo ngekhanda. Wayebala ngokuhlanganisa nangokususa ekwenza lokho ngekhanda.
-
Wayekwazi ukubala izinsuku zeviki asho namagama azo, kanjalo nezinyanga zonyaka ngokulandelana kwazo.
-
Uma izinkomo zizele, wayephindaphinda isibalo sazo abale namankonyane.
7
NgoLwezihlanu wayethatha isikhwama sakhe avakashele umkhulu afike ahlale khona uMgqibelo neSonto.
-
Wayephindela ekhaya ngoMsombuluko, uma sekufanele aye esikoleni.
-
Lapho zivalwa izikole wayevakashela umkhulu.
8
Ngesikhathi u-Andile eqala ukuya esikoleni babesebenzisa izinti namatshe ukubala.
-
Wayesebenzisa iminwe yakhe ukubhala phansi enhlabathini. Wayezilolonga ukuhlanganisa izinombolo khona lapha enhlabathini.
-
Igumbi labo lokufundela lalingaphansi kwesihlahla. Uma lina babengakwazi ukuya esikoleni.
9
Esekhulile lo mfana wase Brighton waya enyuvesi ukuyofunda iZibalo. Wafunda iminyaka eminingi.
-
USolwazi uMji usebenza emkhakheni weZibalo obizwa ngokuthi ‘iZibalo nemininingwane yazo’.
-
Usakwazi ukusho isikhathi ngokubuka ilanga.
10
Namhlanje u-Andile usenguSolwazi uMji. Usebenzisa iminwe yakhe ukubhala ngekhompyutha.
-
Usebenzisa izinombolo namagrafu ukuxoxa izindaba. Usebenzisa iZibalo ukuxazulula izinkinga.
-
Usebenzisa imininingwane yeZibalo ukuphendula imibuzo efana nokuthi nje, ‘Izingane zalesi sikole ngabe zikuyiphi iminyaka?’
11
USolwazi uMji usebenza ngekhompyutha nezinombolo.
-
Uthi, “Amakhompyutha awusizo kodwa ngesinye isikhathi ayafa! Ulwazi enginalo oluhlala lusekhanda lami alupheli.
-
Ezibalweni akukho okushintshanyo. Izinombolo zihlale zinjalo.”
12
USolwazi uMji unomlayezo akuphathele wona:
-
“Ukuze wazi iZibalo kufanele njalo uzilolonge ukusebenza ngezinombolo.
-
IZibalo zidinga ulwazi lwezindlela zokuzenza.
-
Kufanele ufunde ukucabanga ngezinombolo. Uma wenze njalo uyoba nguchwepheshe!”
13

Imibuzo


  1. Waqala kanjani u-Andile ukufunda izinombolo nokubala?
  2. Ngabe sikhona isidingo sokuba wazi izinombolo ungasebenzisi umshini wokubala nekhompyutha? Chaza impendulo yakho.
  3. Bala ukuya kokuyishumi nambili ngakubili, bese ubala ngakuthathu nangakune. Manje bala uhlehle uye emuva.
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • U-Andile Mji
  • U-Asnath Mahapa
  • UBongani Mayosi
  • UCharlotte Maxeke
  • UMmantsane Moche Diale
  • UMulalo Doyoyo
  • UTebello Nyokong
  • UTshilidzi Marwala
15


Le ndaba ibhalwe ngolimi lweSetswana nje ngenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: U-Andile Mji nothando lwakhe lwezibalo
Author/s: Glanice Masilo
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Kamogelo Matlawe
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator