Please view the book
in landscape mode.
USuku lweNtsha
Zandile Malaza
Simangaliso Sibiya
—
—
Lapha eNingizimu Afrika, usuku lwangomhla ziyi-16 kuNhlangulana luyiholide elaziwa ngokuthi Usuku lweNtsha.
-
Le ndaba ixoxa ngomlando waleli holide nokuthi kwenzekani ngalolu suku ngonyaka we-1976.
1
“Niyazi yini ukuthi kwenzekani ngoSuku lweNtsha ngonyaka we-1976?” kubuza ugogo kubazukulu bakhe, uBuhle noVusi.
-
“Kwaqoshwa umlando mhla ziyishumi nesithupha ngenyanga kaNhlangulana ngonyaka we-1976 eSoweto,” kusho ugogo.
2
“Kwakusekuseni. Kwakungunyaka wami wokugcina ngisesikoleni.
-
Lolo suku lwashintsha umlando,” kuqhubeka ugogo.
3
“Sasingabafundi bezikole ezahlukene eSoweto.
-
Sasihlele imashi esuka ezikoleni zethu iya enkundleni yebhola i-
Orlando Stadium.
Sasihlele imashi enokuthula.”
4
“Kwakuyini isizathu sale mashi?” kubuza uBuhle.
-
Ugogo uyachaza, “Umbuso wobandlululo wawusiphoqa ukuthi sifunde ngolimi lwesiBhunu. Sasingahambisani nalowo mthetho. Sasithukuthele kakhulu!”
5
“Sathatha isinqumo sokukhulula abafundi abansundu baseNingizimu Afrika.
-
Sasifuna imfundo engcono.
-
Sasifuna imfundo efanayo kuwo wonke umuntu eNingizimu Afrika.”
6
“Kwase kwenzekani?” kubuza uVusi.
-
“Sasimasha siya enkundleni yebhola yase-Orlando lapho sasinomhlangano khona. Izinkulungwane zabafundi zazihlanganyele khona. Sasijabulile kakhulu,” kuphendula ugogo.
7
“Sathi sisamasha, sahlaselwa amaphoyisa.
-
Basifutha ngesisi esikhalisa izinyembezi. Basisasazela nangezinja zabo.
-
Sazama ukwehlisa imimoya saqhubeka sahamba.”
8
“Kwavele kwaqhuma inhlamvu.”
-
Kukhona isithombe salokho kuhlasela esethusa umhlaba wonke.
-
Leso isithombe sika-Hector Peterson ethwelwe ngumngani wakhe,” kusho ugogo edabukile.
9
“Kwagcina kanjani?” kubuza uBuhle noVusi bekhulumela phansi. “Lo mbhikisho wezikole zaseSoweto wabhebhetheka izwe lonke. Kwahlanganyela nabanye abafundi abaningi nabasebenzi.
-
Abantu abaningi emhlabeni jikelele babewuxhasa. Wawubaluleke kakhulu ekulweni nombuso wobandlululo.”
10
“Lolo suku lwabizwa ngokuthi 'uSuku lwaseSoweto'. Lwenziwa iholide ngonyaka we-1995.”
-
“Ngeminyaka we-1990, kwakukhona imibukiso yezobuciko ephambili eyayiphathelene nale mibhikisho yentsha,” wakhumbula ugogo.
11
Njalo ngonyaka ngalolu Suku lweNtsha, iNingizimu Afrika iyaye ihloniphe intsha eyabulawa ngalo mbhikisho wonyaka we-1976.”
-
“Sikhumbula intsha eyasiza ukuqeda ubandlululo,” kusho ugogo ngokuziqhenya.
12
“NgoSuku lweNtsha kubakhona imicimbi, imihlangano, nemigidi ezweni lonke.”
-
“Akumelanga siwukhohlwe umlando wezwe lethu,” waqedelela ugogo.
-
Wase uyamoyizela egona uBuhle noVusi.
13
—
—
Imibuzo
Ngubani oxoxa le ndaba futhi ngobani abalalele? Ukwazi kanjani lokho?
Zazimasha ziyaphi izingane zaseSoweto mhla ziyishumi nesithupha kuNhlangulana ngonyaka we-1976?
Kwakuyini isizathu sale mashi?
Lwaqala nini lolu suku lomhla ziyishumi nesithupha kuNhlangulana ukuba yiholide futhi kungani?
Chaza ukuthi kusho ukuthini 'ukubonakalisa okuthile ngokuthula'.
Lisho ukuthini igama elithi ‘ukukhumbula’? Bala abantu baseNingizimu Afrika abathathu abakhunjulwayo.
Xoxela ikilasi ezinye zezigameko ezinkulu emlandweni waseNingizimu Afrika.
Wake wezwa nge-
Gen Z
? Yini izici zayo?
14
—
—
Izincwadi ezikulolu chungechunge
USuku lweNkululeko
USuku lwamaGugu
USuku lwamaLungelo Abantu
USuku lokuBuyisana
USuku lwaBesifazane
USuku lwaBasebenzi
USuku lweNtsha
15
—
—
Lendaba yenziwe yaphinde yabhalwa nge siSwati njengenxenye yeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu yempahla yokufunda ngonyaka wezi-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title
: USuku lweNtsha
Author/s
: Zandile Malaza
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Simangaliso Sibiya
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator