Please view the book
in landscape mode.
Impi phakathi kwabantu nezinyoka
Tshepiso Mogaswa
Adonay Gebru
Kudala, kwakukhona insizwa igama layo kwakunguMosimame.
-
Wayehlonipha kakhulu futhi ebathanda abantu. Wayejwayele ukuyoziphumulela eduze nomfula.
-
Langa limbe, kwathi uMosimane ehlezi ngasemfuleni, wabona inyoka.
1
“Sawubona wenyoka,” kusho uMosimane.
-
“Sawubona Mnumzane,” kuphendula inyoka.
-
Inyoka yatshela uMosimane ukuthi ingamenza abe yisicebi. Kuphela nje kwakufanele ayithwale ayibeke ekhanda ayise lapho ifuna ukuya khona.
-
Yayibukeka ithembekile.
2
UMosimane wayengumuntu onomusa. Wavuma ukuthwala inyoka ayibeke ekhanda.
-
Bawela umfula bobabili.
3
Bathi bangafika phesheya komfula, inyoka yacela ukuthi babe abangane, njengoba izinyoka zazingenabo abangane.
-
Wavumela phezulu uMosimane.
-
Endleleni bahlangana noMnumzane uMpisi.
4
“Sanibonani bantu bakithi,” kubingelela impisi.
-
“Sawubona Mnumzane uMpisi,” kuphendula uMosimane nenyoka kanyekanye.
-
“Nilibangisephi nina nobabili?” kubuza uMpisi.
-
“Silibangise lapho engifuna ukuya khona,” kuphendula inyoka. UMnumzane uMpisi wamangala.
5
“Ngabe uyakhokhelwa yini ngokuthwala leyo nyoka ekhanda lakho?” kubuza uMnumzane uMpisi kuMosimane.
-
UMosimane akazange athi phefu ngalokho inyoka eyayimthembise khona.
-
Wahamba nenyoka baqhubeka nohambo lwabo.
6
Besahamba uhambo lwabo olude bedukuza ehlathini, uMosimane wafikelwa ukukhathala.
-
Bahlangana noMalume uMpungushe ezihlalele eduze nesihlahla esasinomthunzi.
-
UMalume uMpungushe wabuka inyoka izisongele ekhanda lomuntu. Akazange akholwe yilokho ayekubona. Waqala wahleka.
7
Inyoka yamemeza uMalume uMpungushe yathi, “Uhlekani wena Mpungushe? Awazi ukuthi ukuhlekana kungadala ingxabano!”
-
“Mina nenyoka singabangane abakhulu!” kusho uMosimane kuMalume uMpungushe.
-
UMalume uMpungushe wathi ukucabanga kancane. Wase eqala ukukhulumela phansi.
8
“Awusuke ekhanda lami wenyoka ukuze ngilalele kahle uMalume uMpungushe,” kusho uMosimane.
-
Waqhubeka, “Wenyoka, ngikuthwale ngakuwelisa umfula. Ngokuthwale ngaze ngafika lapha. Iphi inkokhelo yami? Bengithi singabangane.”
9
UMalume uMpungushe wabuza wathi, “Awazi ukuthi izinyoka azithembekile?”
-
Inyoka yanele yabona ukuthi uMosimane usecasukile yavele yaphilikixela yangena ehlathini.
-
UMosimane wabuyela ekhaya wayotshela bonke abantu ngale nyoka.
-
Kuze kube namhlanje izinyoka azethenjwa muntu.
10
Your attribution should include the following:
Title
: Impi phakathi kwabantu nezinyoka
Author/s
: Tshepiso Mogaswa
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Adonay Gebru
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator