Please view the book
in landscape mode.
UJohn Kani owaba ngumdlali wasesiteji ongusaziwayo
Ndivhuho Mutsila
Vusi Malindi
—
—
Lena yindaba kaBonisile John Kani.
-
Wazalwa ngonyaka ka-1943 endaweni yaseNew Brighton edolobheni laseGqeberha. Uthando lwakhe lokudlala esiteji nokuxoxa izindaba lwaqala esemncane.
-
Lo mfana waseMpumalanga-Kapa wadlondlobala waba umdlali wasesiteji, umbhali kanye nomqondisi wemidlalo odume umhlaba wonke.
1
Ugogo wakhe nguyena owaqala ukumxoxela izindaba.
-
Wayemxoxela izinganekwane futhi emfundisa nokuthi izindaba zixoxwa kanjani.
-
Njalo kusihlwa ngaphambi kokuba balale, ugogo wayexoxela uJohn izindaba.
-
Kwakuyizindaba ezesabisayo, ezinye zixoxa ngabathakathi abanamazinyo amade nezinzipho ezinde!
2
Ngelinye ilanga ugogo wacela uJohn ukuthi kube nguyena omxoxela indaba.
-
Wayiqala indaba yakhe uJohn wathi, “Kwakukhona ugogo owayethanda njalo ukuthi izingane zimxoxele izindaba!”
-
UJohn wayekuthakasela ukuxoxa izindaba. Waqala nokudlala emidlaweni yasesiteji esikoleni.
-
Umdlalo wasesiteji indaba elingiswa abadlali.
3
Abadlali basesiteji bangashintsha amazwi abo ngesikhathi belingisa ukuba omunye umuntu. Badlala balingise zonke izinhlobo zabalingisi emidlalweni noma kumafilimu.
-
Ngesikhathi esemncane uJohn wayebuka amafilimu nabangane bakhe ababengaluqondi kahle ulimi lwesiNgisi.
-
Wayebahumushela abangane bakhe okukhulunywa ngesiNgisi azenze abalingisi abahlukene.
4
Wathi angaqeda izifundo zakhe esikoleni samabanga aphezulu, wahamba wayosebenza embonini.
-
Wajoyina amaqembu abadlali basesiteji ababesebenza kweminye imisebenzi. Iningi labo kwakungabadlali basesiteji abaNsundu.
-
UJohn wake wathi, “Sasingebona nje kuphela abadlali bomdlalo.
-
Sasingamasotsha esiteji.
-
Sasisebenzisa ubuciko ukukhuluma kuzwakale ngezinto ezingalungile.”
5
Ngaleso sikhathi uJohn waba ngumngane omkhulu womdlali uWinston Ntshona. Baqala ukuqamba imidlalo yasesiteji ngokusebenzisana.
-
Babeseqenjini labadlali ababezibiza ngokuthi
iSerpent Players
, izinyoka phela.
-
Umdlalo waleli qembu wokuqala bawudlalela endaweni eyayakhelwe izinyoka eZu yaseGqeberha.
-
Yingakho nje babezibiza ngokuthi bangama
Serpent Players
.
6
Iqembu labadlali basesiteji
iSerpent Players
lalihlelwa ngu-Athol Fugard, omunye ongumdlali wasesiteji nombhali wezincwadi.
-
U-Athol, uJohn noWinston basebenza ndawonye ukuqamba imidlalo yasesiteji emibili eyavelela ngasekuqaleni kweminyaka yawo-1970.
-
Le midlalo yayixoxa ngemiphumela yobandlululo kubantu abaNsundu.
-
Le midlalo yilena, i ‘
Sizwe Banzi is Dead’
nalona othi ‘
The Island’
.
7
Umdlalo obizwa ngokuthi ‘
Sizwe Banzi is Dead’
uxoxa ngemithetho yamapasi, lapho abantu abaNsundu kwakufanele bahambe bephethe incwajana kamazisi ebizwa ngepasi.
-
USizwe Banzi okuxoxwa ngaye, ngeke akwazi ukuthola umsebenzi ngoba akanikeziwe imvume yokusebenza epasini lakhe.
-
Lona othi ‘
The Island’
uxoxa ngamadoda amabili aboshwe eRobben Island okuyijele elidumile okuboshwa kulo iziboshwa zepolitiki.
8
Ngonyaka ka-1975 edolobheni laseNew York eMelika, uJohn noWinston bazuza indondo
iTony Awards
ngale midlalo yabo emibili,
i‘Sizwe Banzi is Dead’
ne ‘
The Island’
.
-
I
Tony Award
indondo ebaluleke kakhulu emhlabeni wonke jikelele futhi izuzwa kuphela abadlali abadlala ngokuvelele esiteji.
-
(Imidlalo idlalelwa esiteji.)
-
UJohn waqala ukusebenza nomqondisi wemidlalo yasesiteji uBarney Simon.
9
UJohn ehlangene noBarney basungula indawo yokuqeqesha amakhono asesiteji
iMarket Theatre Laboratory
, eyingxenye yendawo okudlalelwa kuyo imidlalo yasesiteji eseGoli
iMarket Theatre
.
-
Le ndawo iqeqesha abantu abafuna ukusebenza esiteji ikakhulukazi abadlali.
-
Ngonyaka ka-2014 igama lale ndawo lashintshwa laba
iJohn Kani Theatre
, ukuhlonipha yena uJohn Kani.
10
Ngonyaka ka-2002 uJohn wabhala umdlalo wakhe wasesiteji wokuqala eyedwa. Ubizwa ngokuthi ‘
Nothing but the Truth’
kanti uxoxa ngesimo seNingizimu afrika emva kombuso wobandlululo.
-
Eminyakeni eminingi uJohn usedlale emidlalweni enhlobonhlobo, kubalwa kuyo
i’Othelo’
ebhalwe nguWilliam Shakespeare, ne’
Miss Julie’
ka-August Strindberg.
11
Waphinde wadlala nesemidlalweni yeTV ewuchungechunge nakumafilimu. Ngo-2016 wadlala indawo ka
King T’Chaka of Wakanda
kufilimu i-
‘Captain America: Civil War’
.
-
Eminyakeni emibili emva kwalokho waphinde wadlala indawo ka
King of Wakanda
kufilimu i’
Black Panther’
.
-
UJohn wenza ulimi lwesiXhosa kube wulimi lwaseWakanda.
12
Ngonyaka ka-2005 uhulumeni waseNingizimu Afrika wamhlonipha ngokumklomelisa ngendondo eyaziwa nge
The Order of Ikhamanga.
-
Le ndondo inikezwa umuntu ovelele emkhakheni wokuqamba njengemidlalo yasesiteji, imibhalo, umculo kanye nobuntatheli.
-
Kuze kube namhlanje, uJohn usengumbhali, umdlali wasesiteji futhi usavelele kumhlaba wasesiteji.
13
—
—
Nakhu uJohn akusho ngezinto asezizuzile:
“Imidlalo yasesiteji, ukubhala nokuba ngumdlali kwenza ukuthi ngikwazi ukuxhumana nalokho okungaphakathi kimi nasemphefumulweni wami.”
Ucabanga ukuthi uchaza ukuthini ngalokhu? Xoxa ngakho nabanye.
14
—
—
Imibuzo
Ngubani owafundisa uJohn ukuxoxa izindaba? Kungani usho njalo?
Chaza ukuthi laba bantu benza msebenzi muni emidlalweni yasesiteji: umdlali, umbhali, umqondisi.
Lalisuselwaphi igama labadlali basesiteji elithi, ‘
The Serpent Players’
?
Thola ukuthi likhona yini iqembu lemidlalo yasesiteji emphakathini wakini.
15
—
—
Le ndaba ibhalwe ngolimi lweTshivenda njengenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ezibhalwe ngo-2021.
16
Your attribution should include the following:
Title
: UJohn Kani owaba ngumdlali wasesiteji ongusaziwayo
Author/s
: Ndivhuho Mutsila
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Vusi Malindi
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator