USello ukhuluma uLimi Lwezandla
Tebogo Matshana
Tebogo Matshana
Udadewethu uSello, uyisithulu.
-
Ukhuluma uLimi Lwezandla.
-
Ngesikhathi sivuka siyabingelelana.
-
“Sawubona,” sikhuluma ngezandla.
1
Uma siphakela izinhlanzi zethu ukudla, uSello ukhuluma nazo ngezandla.
-
“Sanibonani, ninjani?” ezibuza.
-
Ukhuluma nazo ngoLimi Lwezandla.
2
Ngikhanyisa isibani ngiphinde ngisicishe kaningi uma sengilinde isikhathi eside ngaphandle kwendlu yokugeza.
-
Ngisuke ngitshela uSello ukuthi, “Yithuba lami manje!”
3
Sishanela isitubhi sisuse nokhula engadini.
-
“Bheka, isibungu esincane!” ngikhuluma noSello ngezandla.
-
Sifunda ngezibungu esikoleni.
4
Kamuva ngalolo suku, umama uyasithuma.
-
“Ngicela niyothenga ubisi noshukela, ngizobhaka ikhekhe,” esho ngezandla.
5
Emgwaqeni ngifike ngeqa.
-
USello ungidonsa ngengalo. Ukhuluma ngezandla uthi, “Yima, khumbula ukuqalaza kuqala!”
-
Esitolo, siyahlukana. USello ufuna ushukela, mina ngifuna ubisi.
6
Ushukela useshalofini eliphezulu kakhulu, uSello akakwazi ukufikela.
-
Ucela usizo kumuntu omdala. Umuntu omdala akaluqondi uLimi Lwezandla.
-
USello ubhala umbuzo wakhe encwadini ayiphethe.
7
Ekhaya, sibhaka ikhekhe nomama.
-
Uma selipholile, silifaka ukhilimu.
-
“Waze wamnandi!” uSello usho ngezandla, njengoba enambitha ukhilimu.
8
Senza itiye, sinikeze ugogo wethu.
-
“Ngiyabonga,” kusho ugogo ngezandla.
-
“Ngiyajabula,” kuphendula udadewethu ngezandla.
9
Emva kwetiye, siqoqa izitsha.
-
“Nguwe ozogeza izitsha,” kusho uSello ngezandla.
10
Ngalobo busuku, siyangana ngaphambi kokuba siyolala.
-
“Ulale kahle,” sisho ngezandla komunye nomunye.
11
ULimi Lwezandla:
-
ULimi Lwezandla yilona oluyisisekelo kubantu abayizithulu, noma ngubani angalufunda.
-
ULimi Lwezandla lufana nezinye izilimi, ngaphandle kokuthi lona alunamisindo.
12
Your attribution should include the following:
Title: USello ukhuluma uLimi Lwezandla
Author/s: Tebogo Matshana
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Tebogo Matshana
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2025

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator