Please view the book
in landscape mode.
UNaka noNala bakhuluma ngomhlaba
Connie Makgabo
Vusi Malindi
UNaka noNala basengadini yabo. Bayahlakula futhi batshala nemifino.
-
“Kungani sisebenza kanzima kangaka elangeni?” kukhefuzela uNala.
1
“Sisebenza kanzima ngoba sithanda umhlaba nendawo esizungezile!” kusho uNaka.
-
“Izingane zikhula kahle uma indawo esizungezile ihlanzekile,” kwengeza uNaka.
2
“Kanjalo sitshala imifino ukuze sidle ukudla okunempilo,” kuqhubeka uNaka.
-
“Ukuzitshalela imifino yethu kungenza songe nemali,” kusho uNala.
3
“Ubuthini ngomhlaba? Ngitshele kabanzi,” uNala ephikelela.
-
UNaka uthi, “Asihlale phansi, ngizokutshela ngomhlaba wethu.”
4
UNaka uyaqala, “Umhlaba uyiplanethi eyindilinga esiphila kuyo. Abantu abayizigidi eziyisishiyagalombili baphila lapha! Umhlaba uyahamba ujikeleze ilanga.”
5
“Umhlaba wakhiwa izwe, umoya, namanzi. Izinto eziphilayo zihlala phezu komhlaba ngoba ngaphakathi kuwo kuyabila,” kuchaza uNaka.
6
UNala uyamenqaka, “Kungani singawi pho emhlabeni uma uyindilinga?”
-
“Kunamandla adonsela phansi okuyiwona asibambayo. La mandla asiphoqa ukuthi sihlale –nje kule planethi,” kuphendula uNaka.
7
“Singawunakekela kanjani umhlaba?” kubuza uNala.
-
UNaka uyaphendula, “Akufanele siwungcolise umhlaba. Kufanele siphinde sizisebenzise kabusha izinto sinciphise nodoti wethu.”
8
UNaka uyaqhubeka, ″Kufanele sivuselele izinto esezike zasebenza ukuze sizisebenzise kabusha. Lezi izinto ezifana neplastiki, iphepha, ingilazi namathini. Uyakwazi ukwenza izinto ezintsha ngokuvuselela izinto esezike zasebenza. Ziningi kakhulu izinto esizilahlayo.”
9
UNaka uyaphetha, “Kumele siwunakekele umhlaba wethu ngoba abantu bayawudinga ukuze baphile.”
-
“Kufanele siphindele emsebenzini!″ kubabaza uNala.
10
—
—
Imibuzo
Benzani uNala noNaka? Kungani?
Bhala amaphuzu amane ngeplanethi yethu umhlaba.
Kungani kumele siwunakekele umhlaba?
Kusho ukuthini ‘ukuvuselela usebenzise izinto kabusha’?
Yini engasebenziseka kabusha? Bhala izibonelo.
Yini enye esingayenza ukunakekela umhlaba?
11
Your attribution should include the following:
Title
: UNaka noNala bakhuluma ngomhlaba
Author/s
: Connie Makgabo
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Vusi Malindi
Assurer/s:
Sifiso Khoza
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator