UNgwenya noNkawu babengabangani
Ntombikayise Malaza
Sibusiso Khumalo
UNgwenya noNkawu babengabangani abakhulu.
-
UNgwenya wayehlala emfuleni.
-
UNkawu wayehlala esihlahleni esasiseduze nomfula.
1
UNgwenya wayedla izinhlanzi emfuleni.
-
UNkawu yena wayedla izithelo ezithele esihlahleni.
2
Umntwana wengwenya wayegula kakhulu.
-
Ugogo wengwenya watshela umama wakhe ukuthi, “Isibindi senkawu kuphela esingelapha le ngane.”
3
Ingwenya yamema inkawu emzini wayo osemfuleni.
-
UNgwenya wathi uzombeletha uNkawu.
4
Esabhukuda uNgwenya, watshela uNkawu ngengane yakhe egulayo.
-
“Yisibindi senkawu kuphela esingamelapha,″ kusho uNgwenya ngokudabuka.
5
“Bekufanele ungitshela ngaphambi kokuba sisuke!” kubalisa uNkawu.
-
“Isibindi sami ngisigcina esihlahleni, asambe siyosilanda,” kusho uNkawu.
6
UNgwenya wabhukuda waphindela emuva.
-
UNkawu wehla emhlane wabalekela esihlahleni.
-
Walinda uNgwenya.
7
Walinda isikhathi eside kodwa akazange abuye uNkawu.
8
Your attribution should include the following:
Title: UNgwenya noNkawu babengabangani
Author/s: Ntombikayise Malaza
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Sibusiso Khumalo
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator