UTsakani nonodoli bakhe bokhuni
Hlongwani Hlongwani
Tebogo Matshana
UTsakani nonodoli bakhe bokhuni

Zanele Zuma
Tebogo Matshana
Kudala, ezintabeni zaseMbhokota, kwakuhlala intombazanyana igama layo linguTsakani.
-
UTsakani wayengenabo abangani, ngakho-ke wayehlala njalo enesizungu.
-
Wayefuna umuntu azodlala naye babumbe amathoyizi obumba, amabhodwe, izinkomishi nezinkomo. Akazange athole muntu ayezodlala naye.
1
UGogo wakubuka lokhu wacabanga, “UTsakani udlala ngamatshe zonke izinsuku. Akukuhle lokhu. Ngizokwenza icebo.”
-
UGogo wayekwazi ukubaza ukhuni. Wayekwazi ukwenza izinto ezibaziweyo ezifana nezindlovu ezinkulu kanye nezithombe ezibaziwe zabantu abaziwayo.
-
Wayekwazi ukubaza noma yini ayicabangayo.
2
Ngesikhathi uTsakani exakekile edlala ngamatshe, uGogo wayebaza unodoli wokhuni.
-
Lo nodoli wokhuni wawukwazi ukuhlala nokuhamba, kodwa uma useduze kukaTsakani.
-
“Gogo, uhamba phambili,” kusho uTsakani ngokwenama ngesikhathi ebona unodoli.
3
Ngesikhathi esehamba uGogo washiyela uTsakani unodoli wokhuni.
-
UTsakani wajabula kakhulu ukudlala ngalo nodoli. Akuphelanga sikhathi esingakanani, wayesebhocobele futhi uTsakani.
-
Unodoli wawukwazi ukuhlala nokuhamba kuphela, kodwa ungakwazi ukukhuluma. Akekho umuntu ayezokhuluma naye.
4
Kwadingeka ukuthi uGogo abaze omunye unodoli owawuzokwazi ukuhamba, ukuhlala nokukhuluma.
-
Wajabula kakhulu uTsakani. Waze wadansa umdanso wokunqoba. Wathi, “Gogo uhamba phambili, ngiyajabula kakhulu.”
-
Badlala ndawonye laze lashona ilanga.
5
Kodwa lo nodoli wokhuni wawungakwazi ukudansa, kanti uTsakani wayezithandela ukudansa.
-
Wayethanda ukudansa umdanso wokujabula, umdanso wokunqoba ne xibelani.
-
Wayefuna ukuzibona eshwibeka aye ngapha nangapha nomngani wakhe wokhuni, hhayi yedwa. Kodwa, wayengekho umuntu ayezodansa naye.
6
UGogo wayekwazi ukwakha noma yini ngobumba noma ngokhuni.
-
Wabaza umunye unodoli omuhle ngokhuni. Wawugqokisa ubuhlanu namabhangela, kanti futhi wawugqoke ixibelani.
-
Lo nodoli wawumuhle ugqoke izinto ezinemibala emihle. Wawukwazi ukuhamba, ukuhlala, ukukhuluma nokudansa.
7
UTsakani wayehlala nalo nodoli balalele amaculo futhi badanse bobabili.
-
Kusukela ngalelo langa uma uTsakani engekho esikoleni, wayedlala ngonodoli bokhuni ababazwe uGogo.
-
UTsakani akaphindanga abe nesizungu.
8
Kwathi angabona uGogo ukuthi uTsakani ujabule kanjani, waqala wenzela zonke izingane zendawo onodoli.
-
Wabaza nemifanekiso eminingi yokuhlobisa.
-
Umhlaba wonke wawubona umsebenzi omuhle wezandla zikaGogo.
9
Your attribution should include the following:
Title: UTsakani nonodoli bakhe bokhuni
Author/s: Hlongwani Hlongwani
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Tebogo Matshana
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator