Please view the book
in landscape mode.
Ikhompyutha ifana nengqondo
Patricia Ndlovu
Pexels; Pixabay
Ikhompyutha ifana nengqondo yomuntu.
-
Iqokelela ulwazi iluthathe, futhi isebenze ngalo.
-
Iyalugcina lolu lwazi iphinde ilubuyise uma seludingeka.
1
Ngesikhathi ikhompyutha isebenza ngalolu lwazi, siyaye sithi iyalucubungula.
-
Uma isilugcina lolu lwazi, siyaye sithi ilugcina endaweni ezokwazi ukulugcina kuyo ukuze iluthole uma seludingeka.
2
Noma usuyicisha ikhompyutha, iyakwazi ukugcina ulwazi egumbini layo elithile ezokwazi ukuluthola kulo uma isifuna ukulusebenza. Le ndawo ibizwa ngehard drive.
-
Le hard drive ivame ukutholakala ngaphakathi kuyo ikhompyutha.
3
Indukwana lena eyisicaba ebizwa ngeflash drive noma iflash stick nayo igcina ulwazi njengehard drive.
-
Iflash stick isebenza ngokuxhunywa kukhompyutha.
4
Sisebenzisa izinhlelo zesoftware ukuze sisebenze ngolwazi olukukhompyutha.
-
Lezi zinhlelo zesoftware yizona ezicubungula ulwazi futhi zilugcine kukhompyutha.
-
Kunezinhlelo ezahlukene ukwenza imisebenzi ehlukene kukhompyutha.
5
Izindlela zokusebenza ezisetshenziswa kumakhalekhukhwini ohlakaniphile nazo ziyizinhlelo zesoftware.
-
Igama elifushane elisetshenziswa ukuchaza izindlela zokusebenza kuthiwa i- ‘app’.
6
Kukhona ama- apps asetshenziswa ukudlala imidlalo kanye nezinye izinhlobo zezinto zokuzijabulisa.
7
Ungagcina izincwadi eziningi kukhompyutha.
-
Amakhasi alezo zincwadi aphenywa ngokucindezela inkinobho noma ngokuhambisa umunwe kusikrini.
8
Ikhompyutha nokuxhumana kwi-inthanethi, kuyasiza kakhulu uma sitadisha.
-
Ungasebenzisa i-inthanethi ukuxhumana nothisha, ulalele futhi ubuke uma befundisa izifundo ezahlukene.
9
I-inthanethi ingaphinde ibe nobungozi.
-
Kufanele ucele umuntu omdala omethembayo ukuthi akusize uma usebenzisa i-inthanethi noma ungena kumawebhusayithi amasha.
10
—
—
Imibuzo
Yini ukucubungula ulwazi uma sisebenzisa ikhompyutha?
Ikhompyutha ilugcina kuphi ulwazi?
Nikeza isibonelo sengxenye egcina ulwazi kukhompyutha?
Izinhlelo ze-software zisisiza kanjani?
Kungani sidinga i-inthanethi uma sisebenzisa ikhompyutha?
11
—
—
Le ncwadi ingenye yezincwadi ezine eziwuchungechunge ezabhalwa ngenhloso yokweseka ukufunda ngobuchwepheshe bekhompyutha.
-
Iyingxenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ezabhalwa ngo-2021.
12
Your attribution should include the following:
Title
: Ikhompyutha ifana nengqondo
Author/s
: Patricia Ndlovu
Illustrator/s
: Pexels; Pixabay
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator