Ngabe isebenza kanjani ikhompyutha?
Patricia Ndlovu
Pexels; Pixabay
Amakhompyutha asebenza ngolwazi oluqokelelwa lufakwe kuwona olubizwa ngokuthi idatha.
-
Idatha ingaba yizinhlobo ezihlukene. Ingaba izinhlamvu zokubhala, izinombolo, izithombe noma imisindo.
1
Uma uqokelela ulwazi ulufaka kukhompyutha, kuyaye kuthiwe ufaka idatha.
-
Enye yezindlela zokuqokelela ulwazi ulufake kukhompyutha ukuluthayipha oqwembeni olunezinhlamvu zokubhala, ikhibhodi.
2
Uma siqokelela ulwazi silufaka kukhompyutha siyaye sisebenzise la mathuluzi alandelayo:
-
Uqwembe olunezinhlamvu nezimpawu zokubhala, ikhibhodi (1)
-
Igundanyana esilichofozayo, imawusi (2)
3
Sisebenzisa la mathuluzi alandelayo ukufaka idatha ewuhlobo lwemisindo nezithombe kukhompyutha:
-
imayikrofoni (3)
-
ikhamera (4)
4
Nakuyona ikhompyutha iyatholakala idatha evele ikhona.
-
Idatha esiyithola kukhompyutha ibizwa ngokuthi ulwazi oluvele lukhona kuwo umshini lona.
-
Sisebenzisa isandisimsindo, i-loud speaker (5) neskrini (6) ukuthola ulwazi oluvele lukhona kukhompyutha.
5
Iskrini (6) sona sisinikeza ulwazi ngemifanekiso, izinhlamvu zokubhala kanye nangezinombolo.
-
Izandisimsindo, ama-loudspeakers kanye nezizwakalisimsindo ezixhunywa ezindlebeni, ama-earphones, khona kusinika uhlobo lolwazi oluyimisindo.
6
Izingxenye zekhompyutha ezibizwa ngokuthi i-hardware, zona ziyizingxenye zekhompyutha onokuzibamba ngesandla.
-
Iskrini, ikhibhodi, izipikha, imawusi, imayikrofoni kanye nezizwakalisimsindo ezigaxwa ekhanda, ama-headphones, konke lokho kuyizingxenye onokuzibamba ngesandla zekhompyutha.
7
Ukuze ikwazi ukusebenza ikhompyutha, idinga nengxenye ongeke ukwazi ukuyibamba ngesandla ebizwa nge-software.
-
I-software inikeza ikhompyutha imiyalezo ngezindlela zokusebenzisa idatha eyehlukene.
8
Izinhlelo zokusebenza kanye nezindlela zokuzisebenzisa konke lokhu kuyingxenye ye-software.
-
Isibonelo kungaba ukuthi, udinga ukusebenzisa ikhamera kumakhalekhukhwini ohlakaniphile ukuze uthathe izithombe namavidiyo.
9
Uma uyibheka ngaphakathi ikhompyutha, ubona izingcezwana eziningi ezincane ezibizwa ngokuthi ama-chips ekhompyutha.
-
La ma-chips ekhompyutha yiwona acubungula ulwazi ukuze ikhompyutha ikwazi ukusebenza.
10

Imibuzo


  1. Lubizwa ngokuthini ulwazi olutholakala kukhompyutha?
  2. Ikhibhodi nemawusi kungamathuluzi ayizibonelo ze….
  3. Siyibiza ngani idatha esiyinikwa yikhompyutha?
  4. Nikeza izibonelo ezimbili ze-hardware.
  5. Iyini i-software?
  6. Chaza noma yiziphi izinhlobo ezintathu zemininingwane isikole esingase siyifake kukhompyutha.
  7. Yini okudingeka uyenze ukuze uqiniseke ukuthi ikhompyutha yakho iyakusebenzela?
  8. Ziyini izinzuzo zokuthayipha kukhompyutha uma kuqhathaniswa nokubhala ephepheni?

11

-
Le ncwadi ingeyesibili ezincwadini ezine eziwuchungechunge ezabhalwa ngenhloso yokweseka ukufunda ngobuchwepheshe bekhompyutha.
-
Iyingxenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi ye-Zenex Ulwazi Lwethu ezabhalwa ngonyaka wezi-2021.
12
Your attribution should include the following:
Title: Ngabe isebenza kanjani ikhompyutha?
Author/s: Patricia Ndlovu
Illustrator/s: Pexels; Pixabay
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2025

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator