Iyini ikhompyutha?
Patricia Ndlovu
Pexels; Pixabay
Ikhompyutha ingumshini osebenza ukuthwala ulwazi.
-
Nazi izinhlobo ezine zamakhompyutha:
-
Ilephuthophu (1)
-
Ideskithophu (2)
-
Ismartphone (3)
-
Ithablethi (4)
1
Ubona ulwazi ebusweni bekhompyutha, iskrini (5).
-
Ufaka ulwazi ngokubhala usebenzisa izinhlamvu ezibhalwe oqwembeni olubizwa ngokuthi yikhibhodi (6).
-
Usebenzisa igundanyana okuyilona elikukhomba lapho uzobhala khona kuskrini elibizwa ngokuthi imawusi (7).
2
Uma ufuna ukubuka noma yini kuskrini uhambisa imawusi uyise ngapha nangapha ube ubuka.
-
Ukhetha lolo lwazi olufunayo kuskrini ngokucindezela bese uchofoza imawusi ngomunwe wakho.
3
Amakhompyutha agonwayo wona anendawo okuthintwa kuyo awasebenzisi imawusi.
-
Uhambisa umunwe wakho kule ndawo okuthintwa kuyo.
-
Ucindezela kancane nje ukuze uchofe ulwazi olufunayo.
4
Ake ubheke ikhibhodi uthole lezi zinkinobho:
1. Izinhlamvu zokwakha amagama
2. Izinombolo
3. Izimpawu zokubhala
-
Lezi zinkinobho zikusiza ukufaka ulwazi ngokubhala kukhompyutha.
5
Manje, bheka ikhibhodi kumakhalekhukhwini ohlakaniphile.
-
Ebusweni bukamakhalekhukhwini ohlakaniphile, iskrini, ungabhala ngezithupha zakho nje.
6
Amanye amakhompyutha aneskrini esithintwayo (9).
-
Izibonelo zalawa, amathablethi nomakhalekhukhwini abahlakaniphile.
-
Kulawa, usebenzisa umunwe wakho nesithupha ukusebenza ngolwazi olusesikrinini esithintwayo.
7
Uma umunwe wakho nesithupha ukuqhelelanisa, isithombe siba sikhulu.
-
Uma umunwe wakho nesithupha ukusondelanisa, isithombe siba sincane.
8
Amakhompyutha siwasebenzisa uma sisebenza emisebenzini kanjalo noma sitadisha.
-
Siphinde siwasebenzisele ukuxhumana.
-
Ayasetshenziswa futhi uma sifunda noma sizijabulisa.
9
Elinye igama lekhompyutha idivayisi.
-
Ngabe umndeni wakho usebenzisa ziphi izinhlobo zamadivayisi ekwenzeni izinto ezehlukene?
10
Imibuzo
  1. Kopisha isithombe esinikeziwe bese ukhombisa:
  1. ikhibhodi
  2. imawusi
  3. iskrini
  1. Ngabe uyisebenzisa kanjani ingxenye ngayinye yekhompyutha kwezilandelayo?
  1. ikhibhodi?
  2. imawusi?
  3. iskrini?
11
—Le ncwadi ingenye yezincwadi ezine eziwuchungechunge ezabhalwa ngenhloso yokwethula izihloko zokufunda ngobuchwepheshe bekhompyutha.
-
Iyingxenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ezabhalwa ngo-2021.
12
Your attribution should include the following:
Title: Iyini ikhompyutha?
Author/s: Patricia Ndlovu
Illustrator/s: Pexels; Pixabay
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator