Ukuphepha ku-inthanethi
Patricia Ndlovu
Sibusiso Khumalo
I-inthanethi ikuvulela ithuba lokufunda, ukuthenga, ukudlala imidlalo futhi uphinde ukhulume nabangane bakho njengokwejwayelekile.
-
Ngokunjalo, i-inthanethi ingaphinde ibe nobungozi ezinganeni.
-
Imbangela yalokhu ukuthi kukhona abantu abangalungile abasebenzisa i-inthanethi ngezizathu ezingezinhle.
1
Nazi izinhlobo zabantu abangalungile abanokusebenzisa i-inthanethi:
  • Abantu abangamasela abanokuntshontsha imininingwane yakho.
  • Iziqhwaga ezisebenzisa i-inthanethi ukukuhlukumeza, ukukuphoxa noma ukukwehlisa isithunzi.
  • Yilabo abayisebenzisa ukukuyenga ngenhloso yokukunukubeza ngokocansi.
Uzofunda kabanzi ngalokhu emakhasini alandelayo.
2
Ukuze uphephe ungalandelwa yilaba abantshontsha imininingwane yabanye abantu, kufanele ungalokothi utshele noma yimuphi umuntu ohlangana naye ku-inthanethi lokhu:
  • Igama lakho langempela.
  • Inombolo yakho yocingo.
  • Ikheli lalapho uhlala khona.
  • Imininingwane ephathelene nomndeni wakho.
  • Isikole ofunda kuso.
Lolu lwazi lwenza kube lula ukuthi laba bantu abantshontsha imininingwane yabanye bazenze wena kuyi-inthanethi.
3
Isiqhwaga se-inthanethi yilowo owenza lokhu:
  • Wabelana nabanye ngemininingwane yakho, afake ku-inthanethi izinto ezimbi ngawe.
  • Ukhombisa ukuthi akakuthandi.
  • Sitholakala ezinkundleni zokuxhumana, emagumbini okubanjelwa kuwo izingxoxo, emagumbini emidlalo, nakuma-imeyili.
Bikela umuntu omethembayo omdala uma kukhona isiqhwaga esikulandelayo empilweni yakho noma kuyi-inthanethi.
4
Abayengi abakuyengela ukukunukubeza ngokocansi ku-inthanethi kuvame ukuba ngabantu abadala. Bangazama ukwenza lokhu:
  • Bathola yonke imininingwane ngawe
  • Bakha ubudlelwano obenza ubethembe
  • Babukeka bethembekile, belungile futhi bezokunakekela
  • Bacela ubanike isithombe sakho
  • Bakuyenga ukuthi wenze izinto ezinobungozi kuwe
Qaphela wonke umuntu ohlangana naye kuyi-inthanethi.
5
Akubona abantu ababi kuphela esinokubathola kuyi-inthanethi, kodwa kukhona nolwazi olungelona iqiniso futhi olunobungozi.
-
Ungakholwa yikho konke okufunda kuyi-inthanethi njengeqiniso.
-
Ungacela umuntu ongumzali noma uthisha akusize ukuhlola ukuthi ulwazi oluthola kuyi-inthanethi luyiqiniso noma aluyilona iqiniso.
6
Nazi zinto okufanele uziqikelele uma usebenza kuyi-inthanethi:
  • Ziphathe ngokuyikho
  • Hlonipha ngaso sonke isikhathi
  • Hlala uqaphele
Uma wenza konke lokhu, uyohlala uphephile kuyi-inthanethi.
7
Lonke ulwazi olufaka kuyi-inthanethi kanjalo nezithombe, kungumthwalo wakho ngokugcwele.
-
Kufanele ucabangisise uma ufuna ukufaka ulwazi, izithombe zakho noma umndeni wakho kuyi-inthanethi.
-
Lokhu kungasetshenziswa ukucekela phansi noma ukwehlisa isithunzi somndeni wakho.
-
I-inthanethi ayikhohlwa noma yini oke wayithumela kuyo, ngisho noma usukucishile lokho.
8
Kumele uzihloniphe, futhi uhloniphe nabanye abasebenzisi be-inthanethi: ngalokho okushoyo, okuthumelayo kanye nalokho okwenzayo.
-
Ungesabi ukwazisa abazali abakho nganoma yini eyenzeka kuyi-inthanethi noma ngalowo ohlangane naye kuyi-inthanethi.
9
Hlala uqaphile uma usebenza kuyi-inthanethi, Akubona bonke abantu abazenza abangane bakho kuyi-inthanethi abangabangane abahle.
-
Sebenzisa lonke ulwazi oluthole kule incwadi lukuholele ekutheni uhlale uphephile kuyi-inthanethi.
10

Imibuzo


  1. Bala izinto ezimbili onokuzenza kuyi-inthanethi.
  2. Bala izinhlobo ezintathu zabantu abenza izinto ezimbi kuyi-inthanethi.
  3. Kungani kubalulekile ukucela umuntu omdala akusize lapho usebenzisa i-inthanethi?
  4. Bhala izinto ezimbili okungafanele wabelane ngazo nabanye kuyi-inthanethi.
  5. Yini okufanele uyenze uma uzizwa ungaphephile kuyi-internet?
11


Le ncwadi ingenye yezincwadi ezine eziwuchungechunge ezabhalwa ngenhloso yokweseka ukufunda ngobuchwepheshe bekhompyutha.
-
Iyingxenye yezinsiza zokufunda zeprojekthi ye-Zenex Ulwazi Lwethu ezabhalwa ngo-2021.
12
Your attribution should include the following:
Title: Ukuphepha ku-inthanethi
Author/s: Patricia Ndlovu
Illustrator/s: Sibusiso Khumalo
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator