Umdlalo weChess
Jamie Luketa
Jamie Luketa

Kwakukhona umfana igama lakhe kunguRodney. URodney wayehlala nomndeni wakhe.

Umama wakhe kwakunguJamima kanti ubaba wakhe kwakunguMike. Wayenodadewabo ababili uSuzy noLola.

URodney wayenguthunjana.

1

Lo mfana wayethanda kakhulu ukudlala ichess.

Wayeyithanda kangangokuba wayethula tu! angakhulumi uma eseyidlala.

2

Kuthe ngelinye ilanga ezidlalela lo mdlalo nabangane bakhe esikoleni, wathola ukuthi ungacishe ufane ncimishi nokwenzeka emndenini wakhe.

3

Ubaba wakhe uMike yiNkosi kanti umama wakhe uJamima yiNdlovukazi enamandla.

Bese kuthi uSuzy abe yiKnight, uLola yena abe yiBishop.

URodney-ke yena uyi pawn ngoba nguyena omncane.

4

Wathi angathola lokho waqaqa ngejubane eqonde ekhaya eyobaxoxela ngalokhu.

5

Baqala ngokumhleka kodwa ekugcineni bayiqondisisa lento ayishoyo.

URodney waqala wachaza ngeqhaza elibanjwa yilowo nalowo nangokuthi kungani yena eyipawn.

6

Watshela umama wakhe ukuthi uyindlovukazi nokuthi ubaba wakhe uyinkosi.

Udadewabo omdala uyiknight kanti omncane uyibishop.

7

URodney wayezibona eyipawn ngoba uyayithanda impilo yangaphandle!

Angaba noma yini ayifunayo noma kungathiwa akadele okuthile.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umdlalo weChess
Author - Jamie Luketa
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Jamie Luketa
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs