Inhlanzi nesipho
Liesl Jobson
Jesse Breytenbach

Ngolunye uLwesihlanu obalulekile ubaba ka Yusuf uqgoka ngaphambi kokuba kube khona ukukhanya esibhakabhakeni. Ugqoka ijazi lakhe elisindayo elivikela amakhaza kanye nesigqoko esithungiwe esivala izindlebe. Uvalelisa indodana yakhe. Amehlo ka Yusuf ayaqhakaza uma uyise ethi kuye, "namuhla usuku lokuthi ngizobamba inhlanzi futhi ngikulethele isipho."

1

Inhlanzi nesipho? Manje, kuzabe kuyini? Ubaba uya e muizenberg eLwandle. Kwazwakala umsindo wetayela ekhonini. Izinyoni zolwandle zaphaphela phezulu esibhakabhakeni. Yini? Yini? Yini? Zakhala. "Niyombuyelana nani u Yusuf?" ubaba wakhalisa insimbi yakhe. "linda ubone ukuthi yoba yini!"

2

Umdobi wenhlanzi wabheka ukuphuma kwelanga. Bayohlola inethi. Bayohlola izigwedlo. Bazwelela umoya. Badonsela isikebhe sabo emanzini wolwandle. Umkhulu ka Yusuf okungu yena u Oupa Salie wayeyi ngumdobi obhalisiwe wezinhlanzi. Ekuqaleni kwakhe ubaba wakhe u Oupagrootjie Ridwaan, Naye waye lwazi ulwandle.

3

Isikebhe sihamba ogagasini. Izandla zika baba zaluleka ziya kuzigwedlo. Inyawo lika baba labamkaki kwelinye iqela. Intamo yakhe yaluleka, Imisipha yakhe yezwakala. Ubaba uyacula esebenza: "lahlela phansi." Thola inhlanzi. Donsa futhi ulahlele. Ungemi.

4

Usuku lonke u Yusuf ubheka isibhakabhaka. Kukhanyile futhi kuyabonakala futhi akuna moya. Inhlanzi nesipho! Kazi ubaba uyolethani ekhaya uma ebuya elwandle? Ngesinye isikhathi uletha amasheli. Ngesinye isikhathi uza namabhodlela aluhlaza agezwe ngamagagasi.

5

Ngelinye ilanga ubaba ka Yusuf uza nendaba. Ngalesa sikhathi bathole ufudu enhlabathini yolwandle, amakhulu agezwe yisivunguvungu. Yini? Yini? Yini? Kukhala ama-gull. "Nizokwenzani ukuze nincede labo fudu?" ubaba wathi "sisindise labofudu, ngiyakutshela phaqa. Sazithumela olwandle ngayinye."

6

Mihla ngemihla ubaba uza nengoma. Uyacula ngapha ubeka izigwedlo. Uyacula ngapha ubeka nenethi. Uyacula ngapha uphaphisa intambo. Uyacula ngapha uya ekhaya. "Lahlela phansi. Thola inhlanzi. Donsa. Ungemi."

7

Ugogo Safiya ufuna inyoni enonile ephuzu ekudleni kwakhe kwantambana. Umama ufuna ilokwe elisha. "Ungazo dlala lana" kusho ugogo. "uzoba nenhlanhla uma bebambe nencane inkalankala. Akusalanga izinhlanzi eziningi olwandle. U Yusuf ebamba isandla sika gogo wakhe. Beqa umgwaqo. Yini? Yini? Yini? Kukhala ama-gulls kudliwani ntambama?"

8

9

Ugogo Ouma ubheke omabonakude bakhe, izandla zakhe zigcwele ilukuluku. Uzwa umsindo we shaka. Ababhukudi bagijimela enhlabathini yolwandle balanda amathawela. Ababhukudi abaqavile bagijimela osebeni baphethe namabhodi abo ngaphansi kwezingalo zabo. Yini? Yini? Yini? Kukhala ama-gulls. "Kazi ubaba ka Yusuf uzobuya nani elwandle."

10

Ubaba ka Yusuf no malume nabazala bayaphakamisa futhi bayadonsa. Ubaba ka Yusuf uyabophulula inethi, ecula ebhekise kwishaki. Ishaki ithe uma ibophuluka yashesha ukubuyela emagagasini ishiya umsila ophuzu wodwa vo enethini. Ugogo Safiya uzojabula.

11

Amadoda adonsela umkhumbi ngaphakathi aqoqa nezintambo. Enye intambo yabamba umunwe kababa. Yini? Yini? Yini? Kukhala ama-gulls. Umphatheleni u Yusuf?njengoba ilanga seliyoshona, ubaba aphendula ama-gulls. "Ngiphathele indodana yami Izinyo lenhlanhla leshaki." Ekhaya u Yusuf uphakamisela isipho sakhe kwizinkanyezi.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Inhlanzi nesipho
Author - Liesl Jobson
Translation - Bongani Makgatholela
Illustration - Jesse Breytenbach
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs