Umntwana ongajwayelekile
Lindiwe Matshikiza
Meghan Judge

Ngibonani ngamehlo ami.

1

Owesifazane okhulelwe ebambelele esiswini sakhe.

2

Umphakathi wamamukela ukuthi ahlale nathi.

3

Ngabo lobo busuku, wezwakala ememeza ethi, "Ngiyasikwa. Sengiyabeletha!"

4

Wabeletha umntwana oyimbongolo.

5

"Sizokwenzenjani?" Abantu besho bemangala.

6

Babaleka bonke abantu.

"Ngizokwenzenjani ngalo mntwana oyimbongolo?"

7

Ekugcineni wazibophezela ukumthanda umntwana wakhe.

8

Umntwana oyimbongolo wakhula kakhulu kwagcina kunzima ukumbeletha emhlane.

9

Umama wakhe waphatheka kabi.

Umntwana umbongolo wathukuthela wamkhahlela unina.

10

Umntwana umbongolo wabaleka uma esembona unina elele phansi.

11

Umbongolo wazizwa enomzwangedwa, elambile futhi ekhathele.

Wagcina ezumekile.

12

Waphaphama sekumi indoda eduze kwakhe.

13

Indoda yamthatha umbongolo yaya naye kwayo.

14

Esekhulile umbongolo, indoda yayimgibela.

15

Ngolunye usuku, banyukela entabeni bayophumula waze wazumeka umbongolo.

16

Umbongolo waphaphama esesele yedwa futhi.

17

Umbongolo wayekhathazekile.

Waphindela emuva wayofuna umama wakhe.

18

Umbongolo wayehamba ezibuza, "Ngabe nguye umama wami lo?"

19

Wamthola umama wakhe, bahlala kahle ndawonye.

Umama wayegibela kumntwana wakhe bazulazule endaweni yangakubo.

20
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umntwana ongajwayelekile
Author - Lindiwe Matshikiza
Translation - Zimbili Dlamini
Illustration - Meghan Judge
Language - isiZulu
Level - First sentences