UMondli noMbali bavakashela ugogo wabo
Violet Otieno
Catherine Groenewald

UMondli noMbali babehlala edolobheni nobaba wabo. Babekujabulela ukuvalwa kwezikole ngoba babezovakashela ugogo wabo. Phela ugogo wayehlala kwesinye isigodi esasinedamu elikhulu lapho kwakudotshwa khona izinhlanzi. Abantu bakule ndawo babekhonzile ukudoba.

1

OMondli-ke babejabule kakhulu kulokhu ngoba nabo ngalesi sikhathi, babezovakashela ugogo wabo ohlala kulesi sigodi esinedamu. Ngobusuku okwakuzosa bahambe ngabo, bapakisha izikhwama balungiselela uhambo olude oluya kwagogo. Ubuthongo babungafiki, bexoxa ubusuku bonke, izinhliziyo zilangazelela leli holide.

2

Ekuseni ngovivi, baqala uhambo lwabo ngemoto kababa wabo. Imoto yayihamba idlula izintaba, amagquma, wena zilwane zasendle namasimu. Babeloku bebalana nezimoto eziphambana nabo nalezo abazedlulayo. Babebuye bacule bejabulele indlela.

3

Emva kwesikhashana, lapho ubaba ezwa sekuthule, waqalaza, wabathola sebefile ubuthongo.

4

Kuthe sebengena esigodini lapho ugogo ehlala khona, ubaba wabo wabavusa. Nanguya ugogo, uNobuntu, eziphumulele phansi kwesihlahla. Ugogo kwakuyintombi ezithandayo, ebathanda abantu njengegama lakhe. Wayemuhle, ekhuthele, ephiwe nempilo enhle.

5

Ugogo wathi vuthu lapho ayehleli khona, wabamukela, egidagida, ecula yedwana yinjabulo yokubona abazukulu bakhe. Nabo abazukulu babejabule. Ngokushesha babekhipha imithwalo yabo, bedlulisa nezipho ababeziphathele ugogo edolobheni. "Gogo! Gogo! Vula esami kuqala isipho," kumemeza uMondli. NoMbali naye ngapha ubelesele, ufuna ugogo avule esakhe isipho kuqala.

6

Emva kokuvulwa kwezipho, ugogo wababusisa ngokwesiko labo.

7

UMondli noMbali, nabaya, phandle sebeyogijimisa izinkukhu namadada, bafuna nokubamba izinyoni.

8

Abazukulu babekujabulele ukuba kwagogo, bemsiza ngemisebenzi yasekhaya, bedlala nemidlalo abangayijwayele njengokucaca izihlahla nokubhukuda edamini.

9

Ngakusihlwa babebuya endlini bekhathele, bafike badle. Kwesinye isikhathi babengaqedi naloko kudla abakubekelwe, babanjwe ubuthongo nokukhathala.

10

Ngosuku olulandelayo, ubaba wabo waphindela edolobheni, wabashiya bezijabulisa nogogo wabo.

11

UMondli noMbali basiza ugogo wabo ngokwenza imisebenzi yasendlini. Babekha amanzi batheze izinkuni. Babeqoqa namaqanda ezidlekeni zezinkukhu babuye bakhe imifino engadini.

12

Ugogo wayesefundise abazukulu nokupheka ukudla kwesintu kanye nokunye okulula.

13

Ngelinye ilanga ekuseni uMondli wakhipha izinkomo zikagogo edlelweni, ethi uyokwelusa. Zagijima zangena epulazini likamakhelwane. Umakhelwane owayengumlimi wathukuthela efuna nokuzivalela ngoba zidle izitshalo zakhe. Emva kwalokhu uMondli waqinisekisa ukuthi azisophinde zingene enkingeni efana nalena.

14

Ngolunye usuku, izingane zahamba noNobuntu zaya emakethe. Wayenetafula lapho ayethengisa khona imifino, izithelo nezinye izinto ezincane ezidingwa umphakathi. UMbali wayethanda ukutshela abathengi ukuthi izinto zibiza malini, ahlanganise, athathe imali. UMondli yena, wayesongela abathengi izimpahla zabo abazithengile.

15

Ekupheleni kosuku, babephuza itiye babukeze usuku, kube mnandi. Abazukulu bebemsiza ugogo ukubala imali ayenzile ngalolo suku.

16

Kodwa amaholide asheshe aphela. Kwasekufanele ukuthi babuyele esikoleni edolobheni. Ugogo wapha uMondli ikepisi kanti uMbali wamupha ijezi. Wabapakishela nomphako wendlela ephindela edolobheni.

17

Babengasafuni ukugoduka, lapho ubaba wabo efika esezobalanda. Bancenga ugogo ukuba ahambe nabo, aye edolobheni. Wayevele amoyizele athi, "Sengimdala kakhulu ukuthi ngingahlala edolobheni. Ugogo uzosala lapha ukuze nibuye futhi nizojabulela amaholide ahlukile."

18

Bavalelisa, bamanga ugogo ngezinhliziyo ezibuhlungu.

19

Baphindela edolobheni, bafike baxoxela abangane babo ngamaholide abo kwagogo wabo nangempilo yasemaphandleni. Ezinye izingane zazithi impilo yasedolobheni yinhle. Ezinye kodwa zazicabanga ukuthi eyasemaphandleni ingcono. Ngaphezu kwako konke, zonke izingane esikoleni zazivumelana ngokuthi uMondli no Mbali babenogogo oyisimanga!

20
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UMondli noMbali bavakashela ugogo wabo
Author - Violet Otieno
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs